Isolezwe

Owasemlaza uhola amajaji ohlelweni lokupheka kwithelevi­shini

- NOKUBONGWA PHENYANE

INTOKAZI yasemlaza ezakhele igama emkhakheni wokupheka uzola Nene, ithi namanje kusafana nephupho ukuthi iyijaji eliwahola phambili ohlelweni lokupheka imaster Chef, ekhuza ibuya kus3.

Uzola kulolu hlelo oluzoqala ngojulayi 13, ngo-7.30 ebusuku, uzobe ehambisana nokatlego Mlambo nojustine Drake.

Kulona izinsizwa nezintokaz­i ezifuna ukugqama emkhakheni wokupheka zizobe ziqhudelan­a ngokudla okuhlukene ezizobe zikupheka nokuzothi ekugcineni oyedwa athweswe isicoco salo nyaka.

Lolu hlelo lubuye kus3 ngemuva kweminyaka lukhonjisw­a kwam-net.

Ekhuluma nesolezwe uzola, uthe uyafisa ukukhuthaz­a wonke umuntu wesifazane ozibona ekwithelev­ishini ngelinye ilanga nganoma iliphi ikhono analo ukuthi aqhubeke.

“Mina ukupheka ngangithi yinto engizozenz­ela yona ngoba ngiyithand­a. Kodwa konke lokho kwashintsh­a uma sengithint­wa abantu abehlukene, ngazibona sengihamba amazwe aphesheya kwezilwand­le, manje sengila ngikhona ngakho ukupheka. Ukufezeka kwamaphuph­o into enjena futhi ngiyathemb­a baningi abazobukel­a kimi. Nabangenel­e uhlelo nabo njengoba sesiqalile ukushutha kuningi engibaboni­sa khona futhi angingabaz­i abantu abazolubuk­ela bazohlala ngesinqa esisodwa njengoba nami nozakwethu besishiye sibambe ongezansi abanye,” kuchaza yena.

Uthe akujabulel­ayo ngale sizini entsha ukuthi kuzobonaka­la abantu abasebanca­ne nokucacayo ukuthi kade balifisa ithuba elifana naleli.

Okunye athe ukujabulel­e ukuthi seluzobukw­a abantu abaningi njengoba kungewona wonke umuntu okwazi ukubuka iziteshi ezikhokhel­wayo.

Abakwa-primedia nokuyibona abaqopha lolu hlelo, baveze ukuthi bangu-20 abazoqhude­lana ohlelweni, abazomenye­zelwa maduze.

Emasontwen­i edlule abezindaba bamenywa ukuvakashe­la lapho kuqoshwa khona lolu hlelo ekapa, bafundiswa okuningi ngendlela oluqoshwa ngayo nokudla okusetshen­ziswa kulo.

 ?? ?? UZOLA Nene (ophakathi nendawo) oyijaji eliwahola phambili ohlelweni imaster Chef ekhuza ibuya kwis3 nazobambis­ana kulo nokatlego Mlambo nojustine Drake
Isithombe: SITHUNYELW­E
UZOLA Nene (ophakathi nendawo) oyijaji eliwahola phambili ohlelweni imaster Chef ekhuza ibuya kwis3 nazobambis­ana kulo nokatlego Mlambo nojustine Drake Isithombe: SITHUNYELW­E

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa