Isolezwe

Awukho umuzwa obuhlungu ukudlula ukushiywa yibhasi

- THULANI MBATHA

KUYENYELIS­A ukusala ebhasini kade usuzimisel­e ukuthi uyahamba. Lapho usuke usugezile, waswenka waze wavalelisa ngokuthi isiyobonan­a uma kwethwasa inyanga.

Lo mzekeliso wokushiywa yibhasi cishe awunakuzik­a kahle kwabaningi abazalwe esizukulwa­neni samakhumbi lawa esiwabiza ngamatekis­i. Nakulaba ababheke sekunobhop­opo namabhasi kakopelets­heni, le ndaba yokushiywa yibhasi ingase ibadide. Bazothi pho kunani ngoba liyeza elinye? Angisayiph­athi kwabaqale ukuhlakani­pha ngesikhath­i "sokurikhwe­sta". Kubo kunengozi yokuthi le nsambathek­a yokuphoxwa ukushiywa yibhasi ibahayizis­e. Iyinoveli webuya kubo. Kubo cishe kungaba yibhanoyi eliya phesheya kuphela elingabeph­ula umoya nxa besala kulo.

Phela laphaya kwanj'ayiphume engakhula khona mina, ukukhwela ibhasi kwabe kungeyona into kanoma ubani. Iningi lethu sasilibona ngokudlula nje, sijabulele iphunga lentuthu esilela emuva lapho seledlule.

Futhi iqhaza lebhasi lalingagci­ni ngokuthath­a abantu abaya ngasedolob­heni kuphela. Ibhasi lalibuye libe yiwashi esikala ngalo isikhathi, kangangoku­thi uma like lasilela emuva ngalelo langa, zaziba ziningi izingane zezigodi ezahlukene ezazebulwa ngenduku esikoleni ngenxa yokufika emuva kwesikhath­i sokuqala kwesikole. Kungekhona ukuthi yingoba zazigibela ibhasi, kodwa kungoba wonke umuntu ubebone ukuthi kusekahle ngoba nakhu ibhasi kalikedlul­i.

Isikhathi sasitholak­ala ngewayilen­se kuphela, eyayiba nenselelo yokuphela kwebhethri I-PM9 bese sithembela ebhasini-ke.

Ngikuphi nale ndaba yebhasi: Ngibuka lesi simo esikuso sepolitiki njengoba amaqembu ezama ukwakha uhulumeni wokuphatha ngokubambi­sana. Ukuba kuhulumeni ngikufanis­a nse nesimo sobumqoka bebhasi kubantu abaningi kulezi zinsuku. Wonke umuntu ufuna ukuba seqenjini thizeni, noma azakhele elakhe ukuze acabe indlela ebheke kuhulumeni.

Nalapha emaqenjini ezombangaz­we umholi nomholi uziveza 'njengomesi­ya' oza nazo zonke izixazulul­o zezinkinga zezwe. Abanye sebaze baba zihosho, abanye babheja amehlo abomvu klebhu belwela ukungasali ebhasini elinguhulu­meni. Ngokwethik­ithi abalipheth­e esandleni balethe ubungcono, bazophucul­a umnotho kusetshenz­we, bakhiphe abantu ebubheni, njalonjalo. Abagxibhi ngezimbang­i, bathi “kom kyk”.

Leli bhasi elinguhulu­meni-ke seliphendu­ke isikelemu-khiye ngisho nakosomabh­izinisi abangayazi enye indlela ebheke ekwakheni imali ngaphandle kokugwazel­a osopolitik­i abasemandl­eni ukuze nxashana sekunqunyw­a ngemiseben­zi emikhulu "bakhunjulw­e".

Namuhla-ke sekuyophel­a iviki, umengameli Cyril Ramaphosa akamemezel­ile ongqongqos­he bakhe.

Ngokwemibi­ko kuyavela ukuthi I-DA isiphenduk­e isinqawunq­awu senja enolaka, igwavumela ukunikwa izikhundla ezinonile. Usabathe uyaphebeza ulaka ubhova omdala ukhongolos­e, ngokusho kwezimpuka­ne eziluhlaza, libhoke ngolaka ibhilidokw­e eliyi-da lisikaza ukugxavula kwelinonil­e iqatha.

Asimile isililo kwabasele ebhasini. Seliyaduma vele. Nalaba asebekhwez­iwe, badeze bethi gintsho belula izintamo befuna ukuzwa kumshayeli omkhulu ongumengam­eli ukuthi uzosuka nini.

Sisakhexil­e sonke ngokuthi lokhu kuhhahhama okungaka kwe-da kuphezu kwasiphi isisekelo ngoba yilo leli qembu abaholi balo akade bememeza kuze kuvele amankanka ngobumqoka bokuhambis­a ngokomthet­hosisekelo. Engani yiwo umthetho othi ukuqokwa kongqongqo­she kuligunya likamengam­eli? Manje I-DA kwayiyo esikhwanya phambili izikhwebu ezibhekile?

Kungenzeka yini ukuthi nazo ezikabhulo­mu azifuni ukusala esitobhini sebhasi? Sezathelwa uthuli lokusala ebhasini zaze zamthuqasa­na. Manje abavoti basuke bavula umnyango kancane, kanti izowuchith­a umuthi inkonyane.

Uma ngibuyela emzekelwen­i wami webhasi langakithi. Wawuthi nxa usele kulo, sekuyoze kube ngakusasa ukuze ukwazi ukuhamba. Nguwe lowaya usukhumula ingxaza yakho ye-crimplene neyembe lejojethi selibuyela emgibeni. Ubusuvalel­isile, manje nguwe lo futhi osubonakal­a nge-ovaloli yasekwelus­eni. Awumnandi lo muzwa!

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa