Thola ulwazi olufanele ngaphambi kokuthenga umhlaba
USUVAMILE umsindo wombango womhlaba ezindaweni ezehlukene ezweni. Kujwayele ukuthi uphelele ezinkantolo bese kukhishwa ngendluzula labo abasuke sebengene endaweni engafanele. Kokunye basuke sebegxumeke izindlu bese kunqunywa ezinkantolo ukuthi zidilizwe. Abanye lokhu kubalahlekisela ngemali eshisiwe ngoba basuke bethenge indawo ngezizumbulu, kwabazitshela ukuthi banegunya lokuyidayisa, bese bakha izithabathaba zemizi. Nxa sekusuke umsindo, basuke bengasabonwa abebethi banegunya lokudayisa indawo - bese kuphoqeleka ukuthi abathengile bazibonele.
Nasentshawini, kumasipala wakwadukuza, kunabakhihla esikanandi ngokucwila kwenkece abathenge ngayo indawo base bakha imizi. Sekuhlaluka ukuthi indawo akusiyo eyenkosi njengoba bebetshelwa ngesikhathi besadayiselwa.
Inomniniyo ongumlimi osenikele enkantolo wathola imvume yokuba basuswe. Kuthiwa iziza bezidayisa o-r25 000. Babalelwa ku-44 okuthiwa bese bezithengile okusho ukuthi abebezidayisa sebegaye imali ebomvu.
Umasipala uveze ukuthi yinto eyaziwayo ukuthi kunabadayisa umhlaba okungesiwo owabo kule ndawo, ngakho abantu mabaxwaye. Yilokhu esihlose ukugxila kukho ngalo mbono, ukuthi abantu abaqaphele uma bethenga umhlaba. Kumele ubhekisise ukuthi okudayiselayo ngowakhe ngempela yini umhlaba, ucele ubufakazi bobunikazi. Phenyisisa kahle ngomlando wendawo nobunikazi.
Indlela ephephile wukuthi udaba lusingathwe wummeli yena ozokwazi ukubheka zonke izinto ezithinta umthetho ngendawo ethengiswayo. Akusizi ukubalekela izindleko zabameli kepha ekugcineni kudilizwe indlu esiyakhiwe ngemali engaphezu kuka-r350 000.