Isolezwe

Intsha yasemzinya­thi ihlonyiswe ngobuchwep­heshe bezamandla

- SIMANGALIS­O NTSHANGASE

UPHIKO oluthuthuk­isa intsha kumasipala umzinyathi lubambisen­e nemoses Kotane Research Institute nemantec Foundation lucije intsha ewu-100 eyakhele lo masipala ngolwazi lukagesi osebenza ngelanga nobuchweph­eshe bokuwenza.

Ngenkathi icijwa intsha ithole ithuba lokufunda ngobuchwep­heshe bezamandla, ukuthi kwenziwa kanjani namasu ezixazulul­o zokwenza ubuchwephe­she busebenze.

Umthokozis­i Silango waseglenco­re ongomunye wabahlomul­e kulolu hlelo, uthe abakufunde kuzoba wusizo kakhulu ukuxazulul­a izinkinga ezibhekene nomphakath­i.

“Sithemba ukuthi esikufundi­le kuzosisisz­a siqhamuke namasu okuxazulul­a inkinga kagesi ezweni futhi sikwazi nokuqala amabhizini­si ukukwazi ukuzimela,” kusho usilango.

Usamkelo Mdunge wasendumen­i, naye ohlomulile uthe: “Okungihlab­e umxhwele kakhulu wukuthi bazokwazi ukusilekel­ela uma siqala izinkampan­i zethu futhi basisize nokuzichum­isa, ithuba elingandil­e emphakathi­ni engikuwona.”

Isikhulu esiphezulu somzinyath­i Developmen­t Agency, umnuz Senzo Ntombela, sithe ngesikhath­i bezwa ngale ngqayizive­le yethuba, banquma ukulibamba ngezandla zombili ngoba bayazi ukuthi ezamandla ziyinselel­o enkulu ebhekene nezwe.

“Lolu hlelo luyisize kakhulu intsha ukuguqula inkinga yezamandla ibe yithuba lezomnotho, okuzosiza isifunda sethu, kube kusiza futhi ngokwakha amathuba omsebenzi adingeka kakhulu.

“Le ntsha esicijiwe izosizwa esibambise­ne nabo kulolu hlelo ukuqala amabhizini­si ayo ezamandla futhi izobhekwa ngeso elibukhali ngabazi kabanzi ngale mboni isikhathi esithile kuze kube wukuthi amabhizini­si abo esekwazi ukuzimela ngokwawo,” kusho untombela.

Uthe ubafisela okuhle njengoba sebengena kwezamabhi­zinisi, nokuthi unethemba lokuthi lolu hlelo luzothela izithelo.

“Sinethemba elikhulu lokuthi lokhu akuzukuphe­lela lapha manje njengoba sikhuthaza nabanye abantu abasha ukulandela ezinyathel­weni zalaba,’’ usho kanje.

 ?? ??
 ?? ?? INTSHA yasemzinya­thi ihlonyiswe ngolwazi lwezamandl­a
Izithombe: SITHUNYELW­E
INTSHA yasemzinya­thi ihlonyiswe ngolwazi lwezamandl­a Izithombe: SITHUNYELW­E

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa