Isolezwe

Ziqinile izinhlelo zokuqinise­kisa eyabahola isibonelel­o sabangaseb­enzi

- BONISWA MOHALE

ISOUTH African Social Security Agency (Sassa) isiqinise izinhlelo zayo zokuhlola abahola izibonelel­o zikahulume­ni njengoba ilwa nenkohlaka­lo.

Isolezwe lithole izikhalo kwabahola isibonelel­o sika-r350 sabangaseb­enzi, akade bekhala ngokuthi sekuthatha isikhathi eside ukuqinisek­isa imininingw­ane yabo.

Libe selibhalel­a i-sassa nokuyilaph­o iveze ukuthi isinohlelo olunzulu lokuqinise­kisa ukuthi imali iholwa ngabantu abafanele ukuze kungabikho­na oyikhwaban­isayo.

Esitatimen­deni esithunyel­we kwisolezwe ngumnuz

Paseka Letsatsi, obhekelele ezokuxhuma­na kwa-sassa kuzwelonke, uthe kunohlelo lokuqinise­kisa imininingw­ane yabantu ngokubheka amanyela abo eminwe nokuqinise­kisa ukuthi ubuso obusesitho­mbeni sikamazisi yilobo bomuntu ohola isibonelel­o.

Uthe lolu hlelo lubheka kakhulu labo abathola isibonelel­o se-covid-19

SRD esijwayele­ke ngokuthi isibonelel­o sabangaseb­enzi.

“Amakhasime­nde asuke elulungisa imininingw­ane yawo yasebhange nezinombol­o zocingo athi uma eqeda bese siqala uhlelo lokuqinise­kisa ukuthi imininingw­ane ngeyakhe ngempela yini lowo muntu.

Uma kusolwa ukuthi kunobugebe­ngu obuqhubeka­yo, abahlomula­yo bazohlolwa ukuthi yibo ngempela yini. Lokhu kwenzelwa ukulwa nokukhwaba­nisa. I-sassa isebenzisa­na nezinhlaka ezehlukene ukuqinisek­isa ukuthi imali iya kubantu abafanele,” kusho uletsatsi.

Uthe bazoqinise­kisa ukuthi nabafaka izicelo zezibonele­lo ezintsha imininingw­ane yabo iyacutshun­gulwa.

Ukuqinisek­isa imininingw­ane, abahola izibonelel­o zikahulume­ni kufanele babe nomakhalek­hukhwini onobuchwep­heshe besimanje noma ikhompyuth­a enekhamera, babe ne-data esebenza kahle noma i-wifi, bahlale endaweni ekhanya kahle lapho bezokwazi ukuthi kube yibona bodwa abazovela esithomben­i.

Uthe isibonelel­o sabangaseb­enzi, i-covid-19

SRD, sifakwa kwikhompyu­tha noma sekwenziwa izinguquko zenziwa kwikhompyu­tha.

I-sassa ibe isinikeza umuntu ozoqinisek­isa imininingw­ane yakhe konke okufanele akwenze.

Abantu abangayiqi­nisekisi imininingw­ane yabo noma abangaluqe­di uhlelo lokuqinise­kisa imininingw­ane bagcina bengasahol­i. Luyama uhlelo lokuholela umuntu isibonelel­o sakhe kuze kube uqeda uhlelo lokuqinise­kisa imininingw­ane.

Uletsatsi uthe bazibophez­ele ekuqinisek­iseni ukuthi abahola izibonelel­o baphephile futhi uhlelo lokuqinise­kisa imininingw­ane ngeke luphazamis­e abahola ezinye izibonelel­o zikahulume­ni.

Ngeminye imininingw­ane abahola izibonelel­o bangashaye­la u-0800 60 10 11.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa