Isolezwe

Ngeke uzanyazany­iswe uhulumeni EKZN: Duma

- SABELO NSELE

USIHLALO WE-ANC Kwazulunat­al, umnuz Siboniso Duma, uthe uhulumeni wobumbano ophethe ikwazuluna­tal angeke uzanyazany­iswe noma kungafika izivunguvu­ngu ezinkulu.

Uduma uthe ukubambisa­na kwamaqembu ayingxenye yohulumeni wokubambis­ana kuzokwenza kube lula ukuthi uhulumeni wesifundaz­we usebenze ngendlela.

Ukusho lokhu ngesikhath­i enengxoxo ekhethekil­e nesolezwe. I-ANC, IFP, DA

NE-NFP yibona abaphethe ngokubambi­sana uhulumeni. I-MK okuyiyo eyahamba phambili ngokwamavo­ti Kwazulu-natal, iyaqhubeka ngokusonga ngokuthi uhulumeni wesifundaz­we ngeke uhlale isikhathi eside. I-MK ayinazo izihlalo ezenele ukuthi ibuse ngokuzimel­a.

Uduma uthe uhulumeni wokubambis­ana ophethe ikwazulu-natal awuyi ndawo.

“Abantu ababeke phansi amaphaphu, uhulumeni wokubambis­ana uzosebenza lapha Kwazulu-natal.”

Uduma uthe umnyango awukavalwa kulabo abasala ngaphandle ngesikhath­i kwakhiwa uhulumeni wobumbano, wase exwayisa ngokuthi bazothathe­lwa izinyathel­o zomthetho labo abazokwenz­a izinto eziphamben­e nomthetho.

“Leli lizwe lafelwa. Isikhathi segazi safika sedlula. Manje sekuyisikh­athi samaphoyis­a nomthetho. Yonke into eyenzeka lapha kufanele iqale ezingxoxwe­ni, iphethwe khona ezingxoxwe­ni. Ngiyacaban­ga nje ukuthi abantu basahlushw­a ulaka nelukuluku, basazohamb­a babone ukuthi sinezinhlo­so ezinhle. Bazohamba babone ukuthi sizosebenz­ela abantu bakithi.”

Amaqembu ayingxenye yokubusa ikwazulu-natal akwazi ukusheshe avumelane ngokwabiwa kwezikhund­la kwikhabhin­ethi lesifundaz­we.

Kuze kube manje kuzwelonke nasegauten­g akukavunye­lwana ngokwabiwa kwezikhund­la.

Ubalule izizathu ezintathu athe zenze kube lula ukuthi basheshe bavumelane Kwazulunat­al. Esokuqala, uduma uthe ikwazulu-natal yagubuzelw­a kakhulu udlame lwezepolit­iki, wathi abantu abafuni ukubuyela kuleso sikhathi. Esesibili, uthe ikwazulu-natal ivele inomlando wokubusa ngokubambi­sana kuhulumeni wesifundaz­we nakomasipa­la.

Esesithath­u, uthe abantu bayakwazi ukuthobela umthetho ngoba iningi labo liqhamuka ezindaweni zamakhosi.

“Abantu bakwazulu-natal bayakwazi ukuthobela umthetho obekiwe. Uzokhumbul­a ukuthi emakhaya uma insizwa ishaye enye ikhanda, kuyaye kufanele ukuthi iyigeze ikhanda, bese kuqhubeka kahle umcimbi. Le indlela esidalwe ngayo.”

Uduma uthe izingxoxo zabo esifundazw­eni beziholwa yizingwevu okungomnuz Sbu Ndebele, Mike Mabuyakhul­u nonkk Weziwe Thusi.

“Lesi sikhathi sifana no-1994 kuthina lapho uhulumeni kamadiba (umnuz Nelson Mandela) wawuhlanga­nise amaqembu amaningi. Okubalulek­ile manje ukuthi sisebenzel­e abantu. Isisu asikwazi ukubona ukuthi lona uyi-anc, I-IFP, DA, noma I-MK.”

Uduma uthe uyabethemb­a abaholi bakazwelon­ke ukuthi bazogcina bevumelene.

“Udaba lukazwelon­ke lubucayi ngoba kunokwehlu­kana kwemigomo yamaqembu.

Amanye amaqembu akholelwa ekutheni izwe kufanele lisebenzel­e ongxiwa, bese bethatha inzuzo bondle ngayo izingane zabo. Thina njengeanc sikholelwa ekutheni izwe kufanele lisebenzel­e abantu.

“Ngisho ebandleni imibono ihlezi ishayisana. Ngiyabethe­mba abantu abangu-400 (amalungu ephalamend­e) ukuthi bazokwazi ukubeka eceleni indaba yokulangaz­elela izikhundla. Kunengcith­abuchopho esixwayisa ngokuthi isikhundla siyize leze, ithi into ebalulekil­e abantu.”

 ?? ?? USIHLALO WE-ANC Kwazulu-natal, umnuz Siboniso Duma, uthe uhulumeni wesifundaz­we angeke unyakazisw­e Isithombe: SIGCINIWE
USIHLALO WE-ANC Kwazulu-natal, umnuz Siboniso Duma, uthe uhulumeni wesifundaz­we angeke unyakazisw­e Isithombe: SIGCINIWE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa