Isolezwe

Ikhiphe isidumbu ingxabano yabomndeni

- KHULEKANI MASEKO

INGXABANO yabesilisa bandawonye basemaphep­hetheni, enanda, iphethe kabuhlungu ikhipha isidumbu kwathi omunye wangeniswa egunjini labagula kakhulu elimele kanzima.

Umnuz Muntu Gwala kuthiwa ushonele emtholampi­lo emva kokuthi exabane nomfowabo igama lakhe eligodliwe njengoba kuvele ukuthi ubangwa nezibi esibhedlel­a emva kokulimala kanzima, okuvela ukuthi bagencene. Yize imbangela yokuxabana kwalaba bandawonye ingacaci, kodwa ngokulandi­sa komthombo wesolezwe ongathanda­nga ukudalulwa, bobabili laba bebephuzil­e ngesikhath­i bexabana njengoba bebephuma emcimbini obukomunye umuzi wesihlobo okhona endaweni, ngempelaso­nto.

“Kuphoqe ukuthi umphakathi ungenelele uzame ukulamula ngesikhath­i omunye edonsa ucelemba egenca umfowabo ekhanda nasemlenze­ni, kanti nobegenca naye ubesevele elimele kanzima. Lo obephucwa ucelemba ubesho ukuqeda namalungu omphakathi kodwa agcine ekwazile ukumphuca,” kuchaza umthombo.

Uthe omunye kubona ushonele emtholampi­lo kwathi umfowabo wangeniswa egunjini labalimele kakhulu kwesinye sezibhedle­la ethekwini, lapho elashwa khona. Ngesikhath­i Isolezwe lithinta ilungu lomndeni unksz Ncinci

Gwala, unqabile ukuphawula ngalolu daba waveza ukuthi usematasa njengoba ethe usedolobhe­ni, wacela ukuthi abuye athintwe, wavala ucingo.

Ikhansela lendawo, umnuz Makhosini Luthuli, likuqinise­kisile ukuthi lolu daba lwenzekile futhi kukhona abambikele ngalo.

“Ngenxa yokuba matasa, angikwazan­ga ukuyovakas­hela umndeni ngokuzwa ukuthi kwenzekeni. Nginqume ukuthi ngiye kusasa (esho namhlanje) ukuze sithole kahle udaba. Esisakuzwi­le nje ukuthi umufi uzofihlwa ngesonto, nokuthi bebephuma emcimbini obukhona endaweni ngesikhath­i kuqubuka ingxabano,” usho kanje

Okhulumela amaphoyisa Kwazulunat­al uconstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa asenanda aphenya icala lokubulala. Ngokwesita­timende samaphoyis­a umufi washaywa abantu abangaziwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa