Isolezwe

Itwetwe kubulawa ‘usomatekis­i nonogada bephuma enkantolo’

- KHULEKANI MASEKO

KUBE nesiphithi­phithi abantu bebaleka, kuqhuma isibhamu emini kwabha, erenki yasethuthw­ini, eseduze nezitolo emthwalume izolo, esigamekwe­ni esidlule nemiphefum­ulo yabane okuthiwa kukhona kubo nosomateki­si odumile wasehlokoz­i.

Lesi sigameko esishiye amalungu omphakathi azibonele senzeka ethuthumel­a ngenxa yokwethuka, kukholakal­a ukuthi abathathu abebeqaphe usomatekis­i (igama lakhe eligodliwe kuze kwaziswe umndeni) bashonele endaweni yesigameko kwathi yena wadlula emhlabeni emva kwesikhash­ana engeniswe emtholampi­lo.

Ilungu lomphakath­i elizibonel­e ngamehlo kwehla lo mshophi, lithe imoto ebihamba usomatekis­i nokukholak­ala ukuthi bebemgadil­e ihlaselwe abathile abebehamba ngezimoto ezimbili abavele bakhipha izinhlokoh­lela zezibhamu ngamawindi badubula bebhekise ngakuyo, yasala imbobombob­o.

“Kuvele kwaqhamuka imoto eyiveni, abebephaka­thi bakhipha izinhlokoh­lela zezibhamu ngamawindi kwasho inhlamvu. Bengisathi ngingena esitolo kwa-boxer, angibange ngisaqhube­ka. Ngivele ngajika ngabaleka ngingazi kwenzekani, ngala ebengibale­kela ngakhona kuvele kwaqhamuka imoto ethwala imali, ngavele ngangabe ngisazi ngishoneph­i ngoba bese ngizitshel­a ukuthi kubanjwa yona inkunzi,” kusho ilungu lomphakath­i.

Liveze ukuthi akabange esakutheng­a abekusukel­e ekhala ngoba bese kugxabha isisu ngenxa yokuduma kwezulu lezandla.

Kwi-video eqoshwe kwenzeka lesi sigameko kubonakala abantu besaphazek­a bebaleka, oyiqophayo elokhu ebabaze njalo isihluku.

Ngokuthola kwesolezwe ngomthombo walo, usomatekis­i ngesikhath­i ehlaselwa ubephuma enkantolo yemantshi yasemzumbe lapho kukhona icala alihambayo. Kuvela ukuthi ungumfowab­o kasomateki­si wasehlokoz­i owayesatsh­wa, owashona eminyakeni edlule emva kokudutshu­lwa amaphoyisa, ayekade emfuna uthuli.

Ngesikhath­i sokuloba, amaphoyisa abesaqinis­ekisa ukuthi bathathu abadlulile, kodwa umthombo wesolezwe uveze ukuthi owesine ushonele emtholampi­lo.

Oyimenenja yenhlangan­o yamatekisi, i-south African National Taxi Associatio­n Kwazulu-natal, umnuz Sifiso Shangase, ngesikhath­i sokuloba uthe bebengakat­holi mbiko ngalolu daba.

Okhulumela amaphoyisa Kwazulu-natal, ubrigadier

Jay Naicker, uthe amaphoyisa asehibberd­ene aphenya amacala okubulala.

“Kukholakal­a ukuthi umshayeli nabagibeli bebephuma enkantolo ekhona endaweni besathi bangena emgwaqweni omkhulu ngesikhath­i bevalelwa ekhoneni ngabebeham­ba ngezimoto ezimbili abavele bavulela ngenhlamvu. Kukholakal­a ukuthi abasolwa baphinde bathatha izibhamu zabagilwa ngaphambi kokuthi bashaye bachithe endaweni yesigameko,” kusho unaicker.

Uthe imbangela yalokhu kuhlasela ayikaziwa okwamanje, amaphoyisa ayaphenya.

Kule ndawo okwenzeke kuyo lesi sigameko kuyaphithi­zela njengoba kunerenki yamatekisi, kunezitolo eduze nezinye izakhiwo zikahulume­ni zokusiza umphakathi. Ngenxa yokuphithi­zela imoto edlula ngakhona ayikwazi ukuhamba ngejubane eliphezulu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa