Isolezwe

Amazwibela ama-soapie

-

GQEBERHA: THE EMPIRE Ngo-9 ebusuku kumzansi Magic

UNTANDO udliwa unembeza. Unontle ugqugquzel­eka ukuthi aqale ibhizinisi. Ululama nothulani bafihlela umndeni wabo uthando lwabo. Iphupho likanontle liza nezindleko. Uvuyokazi akazamukel­i kahle izindaba ezimnandi ezivela kululama. Unontle unenhlansi yethemba. Unontle ufunda kanzima ngokuqala ibhizinisi. Ululama ufuna uthulani kuphela. Uvuyokazi uzama ngakho konke ukuhlukani­sa uthulani nolulama. Unontle uyahluleka ukumelana nobunzima bokuqala ibhizinisi.

UMKHOKHA: THE CURSE Ngo-8.30 ebusuku kumzansi Magic

UMABUSI uthola umyalezo kubantu abaphezulu. Kuphelile ngoziseben­zele. Usiphamand­la ucubunguli­sisa ingqikithi yezincwadi zikamabusi. Usiphamand­la ubonga ukuvikelwa komndeni wakhe wumthembu. Untombi uyachichim­a yinjabulo ngemuva kwezethemb­iso zikazisebe­nzele. Umelaphi okumabusi uyakhula. Isipho sikamabusi siyajatshu­lelwa ngokukhuph­ula izinga likazamcol­o. Untombi ujeza kanzima ngokujola nomuntu ongathembe­kile.

SCANDAL! Ngo-7.30 ebusuku kwi-e.tv

U-TAPS ufuna ulwazi olusha futhi usondeza umuntu ongaphakat­hi. Umsebenzi omusha kamary ucasula ucee-jay. Udintle wamukela isimo sakhe. Ingede ibanjwa oqotsheni kodwa ungqondong­qondo uthola abekufuna. Udintle ungena enkingeni. Umdala umehlomane kodwa osondelene naye udala izinkinga. Imibuzo kadintle iza nezimpendu­lo ezingaphel­ele futhi ubona ukuthi wenze umonakalo omkhulu. Kuncane okuphakath­i kokufa nokuphila. Umdala u th o l a okubalulek­ile uma ebona

kunomhlang­ano osolisayo.

HOUSE OF ZWIDE Ngo-7 ebusuku kwi-e.tv

UMOLEFE uphatheka kabi uma ezwa u-ona etshela ukeletso ukuthi amathuba akhe okuwina mancane. Ufaith (Winnie Ntshaba) uyatatazel­a uma ufunani emtshela ukuthi umcimbi uzoqhubeka nezangoma ezinamandl­a futhi ulindele ukuthi naye abe khona. Ngemuva komcimbi, uzechariah utshela ufunani ukuthi ukholwa wukuthi amaphupho asephelile futhi usenokuthu­la. Ufaith yena ngakolunye uhlangothi useqala ukuphupha ngokufa kukaloyiso. Uzechariah utshela unkosi nofunani ukuthi baye naye EKZN ukuyokwenz­a umsebenzi wokubuyisa umangidi.

MUVHANGO

Ngo-9 ebusuku KWISABC2

U-AZWINDINI (Gabriel

Temudzani) uyasatshis­wa futhi ubuza unkele ngakho kodwa naye akazi lutho. Ureneilwe ucasulwa ukuzwa ngezinhlel­o zikakgosi zokulobola. Akafuni lutho. Ukucishe kwenzeke ucansi p h a k a thik u k andiwav h o no Vh u t shilo kucishe kubulala ubudlelwan­o babo kodwa uvhutshilo uthi engakwazi ukulinda. Engakwazi? Ujames uphakamisa ukunika u-azwindini amasheya akhe ka-20%. Ukgosi noreneilwe bazoba nengane yomfana. Ureneilwe usekulunge­le ukuba wumama. Ulindelani uthola amakhondom­u kavhutshil­o afihliwe. U-azwindini umemezela ukuthi wuye osenamashe­ya amaningi EMMC futhi wetha kabusha inkampani iba yimukwevho Constructi­on. Izindlela zibheke emshadweni wasevenda, kukhishwa izimemo ngapha nangapha.

UZALO Ngo-8.30 ebusuku KWISABC1

UPHENYO lukalilly luyamqheli­sa kozwakwabo. Iqiniso ngesimo sakhe luyamudla uhleziphi futhi uqhelisa unjeza. Umamlambo akeneme njengoba ezwa sengathi amadlozi akhe aya ngokuqhela kuye. Kuma konke kulilly uma UDK eba nezimfuno angahambis­ani nazo. Uhleziphi

(Sibongisen­i Shezi) ugcina egonyuluka ngesimo sakhe sengculazi. Unonka uthola i s i p h o es i s hi ya u Sb u enez i nsolo.

Usbu, Madlala nomadongwe bayabhajad­iswa. Uphenyo lukalilly luba nemiphumel­a emihle. Unjinji akakulunge­le ukuzwa akutshelwa wumamlambo. Usbu ukhetha ukuqinisa ubudlelwan­o bakhe nonkulunku­lu. Unyawo uncenga ulilly ukuthi ahoxise uphenyo lwakhe ngesikhath­i utjovitjo enika ulilly umkhondo enganakile.

GENERATION­S: THE LEGACY Ng-8 ebusuku KWISABC1

UKUPHENYA kukahlomla kukhona okubacasul­ayo. Owayeyindl­ovukazi yaseshibhi­ni uzithola eyedwa. Ucosmo uyathuka ngemuva kokuzwa ingxoxo.

U-anathi uxwayisa u-ayanda ngokuthi udinga abazoba ngasohlang­othini lwakhe.

Usharma unezindaba ngomrekza futhi azizinhle. Ingabe umpho nomelokuhl­e baqambelan­a amanga futhi baziqambel­a bona amanga? Ulucy akazimisel­e ukuphonsa ithawula ngaphandle kokulwa. Ukhumo usebenzisa isimo esimbi ukuze azuze. Uminnie uthola into eshaqisayo ekhaya. Unozipho akekho es i mwen i esihle.

 ?? ?? GABRIEL TEMUDZANI
WINNIE NTSHABA
SIBONGISEN­I SHEZI
GABRIEL TEMUDZANI WINNIE NTSHABA SIBONGISEN­I SHEZI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa