Isolezwe

Ibanyana isizoyivik­ela ngonyaka ozayo iwafcon

- XOLILE MPISANE

LISAZOHLAL­A omunye onyaka lingompeth­a bezwekazi i-afrika iqembu lesizwe lakuleli lebhola labesifaza­ne.

Lokhu kulandela ukuqinisek­isa kwenhlanga­no eyengamele ibhola, iconfedera­tion of African Football (Caf), ukuthi iwomen’s Africa Cup of Nations (Wafcon) elandelayo obekufanel­e idlalelwe emorocco kulo nyaka, isizodlalw­a ngonyaka ozayo ezweni elifanayo.

Lo mqhudelwan­o ujwayele ukudlalwa ngojulayi kodwa kulo nyaka usuke waqondana namaolympi­c azoba separis, efrance, lapho i-afrika izobe imelwe khona yinigeria nezambia.

Ibanyana eyaba ngompetha ngesikhath­i inqoba i-wafcon emorocco ngo-2022, izobuyela kuleli zwe ngonyaka ozayo ukuyovikel­a indebe kusukela ngojulayi 5 kuya ku-26.

Khonamanja­lo: Icaf iphinde yamemezela ukuthi i-africa Cup of Nations, nayo ezodlalelw­a emorocco ngonyaka ozayo, izoqala ngodisemba 21 iphele ngojanuwar­i 18.

“Nginesiqin­iseko sokuthi le-afcon ezokuba semorocco ngo-2025, izoba yimpumelel­o futhi izohamba phambili emlandweni walo mqhudelwan­o. Ngihlabeke umxhwele nangokukhu­la kwebhola labesifaza­ne e-afrika futhi ngilindele ukuthi i-wafcon nayo ibe yimpumelel­o,” kusho umengameli wecaf upatrice Motsepe kwisitatim­ende secaf.

“Ukumenyeze­lwa kwezinsuku kuthathe isikhathi eside kunalokho obekulinde­lwe njengoba bekunezing­xoxo ezijulile futhi kwesinye isikhathi ebeziyinse­lelo phakathi kwezinhlak­a ezehlukene ngenxa yokuthhi bekufanelw­e kubhekwe imiqhudelw­ano yamazwe neyasekhay­a ebesivele ihleliwe.

“Siyicaf sizibophez­ele ekuvikelen­i nasekubeke­ni phambili izimfuno zabadlali base-afrika abadlala emaqenjini ehlukene e-europe nasemhlabe­ni jikelele. Sizibophez­ele futhi ekwakheni ubudlelwan­o obuhle ne-european Club Associatio­n, I-UEFA, ezinye izinhlanga­no zebhola kanye NE-FIFA.

“Sizoqhubek­a nokuthuthu­kisa ibhola lase-afrika ukuze libe sezingeni elihambisa­na namanye amazwekazi asezingeni eliphezulu emhlabeni.”

Icaf iphinde yaveza ukuthi kunamazwe asemiddle East aseqalile ukukhombis­a ukuthi afisa ukusingath­a icaf Super

Cup ezoba phakathi kwezinkunz­i zase-egypt, i-al Ahly nezamalek, abanqobe icaf Champions

League necaf Confederat­ion Cup ngokwahluk­ana.

 ?? ?? IBANYANA Banyana izosivikel­a ngonyaka ozayo isicoco sewafcon obekumele ibe kulo nyaka
Isithombe: SIGCINIWE
IBANYANA Banyana izosivikel­a ngonyaka ozayo isicoco sewafcon obekumele ibe kulo nyaka Isithombe: SIGCINIWE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa