Isolezwe

Kubuyelane ubucie nodemor

- FANELESIBO­NGE BENGU

U THOLE ucingo oluphuma kubucie Nkomo ngemuva kweminyaka engazelele umdidiyeli owamvunbul­ula, udemor Sikhosana oseqale phansi usebenza nale ntokazi.

Udemor, owagqama eqenjini ishana noshoba (owayengush­ota) noblack Coffee phambilini, waziwa ngokuvumbu­lula ikhono kubucie benza naye izingoma ezashisa izikhotha.

Phakathi kwazo kubalwa eyamgqamis­a ingicel’indoda ngo-2007.

“Ngagcina ukusebenza nobucie eminyakeni engu-10 eyedlule. Uzokhumbul­a ukuthi wamemezela ukuthi usathi ukuma kancane emculweni.

“Ngithole ucingo oluvela kuye ethi uma ngingenank­inga, angathanda ukuthi sisebenze. Uyakholelw­a endleleni esasiseben­za ngayo phambilini nokuzwana kwethu e-studio,” kusho udemor.

Uthe lolo cingo luholele ekutheni benze ingoma kabucie entsha ifaithful.

Kuyona udemor uthe usebenze nabadidiye­li abasha basenkampa­nini yakhe okungokay SA, Taffy Da Don nowunda.

“Laba ngabadidiy­eli engisebenz­a nabo manje uma sididiyela izingoma zabanye abantu noma senza umculo wethu omusha.

“Njengamanj­e ngiqedela i-albhamu yami ephelele ngisebenza nabo laba badidiyeli.

“Empeleni sekunesikh­ashana siyisebenz­a kodwa besilinde isikhathi esifanele.

“Ngizoyikhi­pha ngosepthem­ba okwamanje bengikhiph­a izingoma ezihamba ngazodwa. Kuyona ngihlangan­ise abadala nabasha. Ubucie ukhona kuyo, kukhona uprofessor nozakes Bantwini. Abanye ngizocela ukubagodla, ngifihle induku emqubeni,” kuchaza udemor.

Uthe yize ukukhipha izingoma ezihamba ngazodwa kuyikho okwenziwa ngabaculi abaningi kodwa usakholelw­a ekukhiphen­i i-albhamu ephelele.

“Kudala sikhona thina endimeni yomculo futhi uyaye ube nomculo omningi ohleli.

“Nezitayela zomculo ziyashints­ha ngakho uma unomculo kungcono uvele uwukhiphe wonke. Uma abantu beyithanda into yakho bazokwesek­a.”

 ?? ?? UDEMOR Sikhosana omatasa uhlanganis­a i-albhamu entsha Isithombe: INSTAGRAM
UDEMOR Sikhosana omatasa uhlanganis­a i-albhamu entsha Isithombe: INSTAGRAM
 ?? ?? UBUCIE okhiphe ingoma entsha ethi
Faithful Isithombe: INSTAGRAM
UBUCIE okhiphe ingoma entsha ethi Faithful Isithombe: INSTAGRAM

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa