Isolezwe

Akusona isono ukusebenza ngokubambi­sana kwezepolit­iki

- Thandukwaz­i Mncube ENKANDLA

MHLELI: Ngike ngabhala ngikhuthaz­a isizwe sakithi ukuba siphume ngothi lwaso ukuyovota, ngaphinda ngathi: “Zulu omuhle kakhulu selidume ledlula.”

Uma ngithi Zulu ngisho wonke muntu womdabu, hhayi uhlanga oluthize. Uma ulalela ukuphawula kwesizwe emisakazwe­ni, emaphephen­i nasezinkun­dleni zokuxhuman­a kuvunguza umoya wentukuthe­lo evutha ulaka olumangali­sayo. Uzwa kukhona abathi nxa ukhongolos­e usebenzisa­na ne-democratic Alliance (DA) lokho kusho ukudayisek­a kwabomdabu.

Abanye bethi nxa I-IFP isebenzisa­na nokhongolo­se (ANC) lokho kakulungil­e, ngokunjalo nxa I-IFP isebenzisa­na ne-da kakulungil­e. Bathi uma I-IFP isebenzisa­na ne-da kakulungil­e. Ngeshwa, umkhonto wesizwe (MK) kawutholan­ga ukuxoxa namanye amaqembu ngakho singebholo­fida ukuthi ubuzothini. Ngibhala ukukhuza ulaka olungenasi­dingo.

Kakufanele silawulwe yintukuthe­lo ngoba izwe lethu lingaba umlotha kungadinge­kile. Kakumele senze noma sikhulume sengathi kunempi yezepoliti­ki. Izwe lethu linozinzo nokuthula futhi lilawulwa ngomthetho­sisekelo. Umthethosi­sekelo uyakugunya­za ukuzihlang­anisa noma ngubani (Freedom of Associatio­n) uyakugunya­za ukuzikheth­ela (Freedom of Choice).

Amaqembu ethu aholwa ngabaholi esizikheth­ele thina. Umholi ukhethwa ngokuthenj­wa ukuthi uyakwazi ukuthatha izinqumo eziphusile.

Ngakho-ke nxa sekuvotiwe kwatholaka­la ukuthi kakho ophumelele ngokukwazi ukubusa eyedwa, yilapho phela kudingeka izingxoxo zokubonisa­na ngesikhath­i esibekiwe.

Abaholi baphoqekil­e ukusebenza ngezinombo­lo eziphezu kwetafula, hhayi ngokuthi bathanda bani kumbe kabafuni bani.

Kuyenzeka ukuthi lowo abamuzwa esifubeni sabo angakwazi ukubasiza baphumelel­e. Bazithola bephoqekil­e ukuthi bahlangane nanoma ubani ukuze kuzuze abantu ababakheth­ile.

Kubaluleki­le futhi ukuthi enikwenzay­o kungethusi abatshalim­ali okuyibo abadala amathuba omsebenzi. Uma kuthatha isikhathi eside kungekho hulumeni ziyabhoncu­ka izikhonkwa­ne zomnotho ngoba lokho kusho ukuthi kaninabaho­li abahlakani­phile.

Lapha eningizimu Afrika kalikho iqembu elisempini nelinye uma emaphuzwin­i alishumi ekwazi ukuvumelan­a ngayisikho­mbisa ehlukana ngamathath­u. Lokhu kusho khona ukuthi ningaseben­zisana nigawule imithi emikhulu emincane iziwele.

Ngakho-ke kalikho iphutha ekuvumelan­eni kwamaqembu. Makungabuk­wa ibala, izinkolelo nokunye okungasho lutho.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa