Isolezwe

Ukuboshwa kukakhomis­hana kungachaph­azela I-IEC

-

KUSEMQOKA esithunzin­i se-independen­t Electoral Commission (IEC) ukuthi ibhekana kanjani nodaba lokukhalel­wa ngamasongo kasigonyel­a komunye wokhomisha­na bayo, udkt Nomsa Masuku. Udkt Masuku uboshwe woklebe ngolwesihl­anu wavela enkantolo yamacala ezohwebo esolwa ngokukhwab­anisa u-r1.2 million okuthiwa kwenzeka eminyakeni eyedlule esasebenze­la i-standard Bank.

Wayeyinhlo­ko yezinhlelo zomphakath­i e-standard Bank engamele uhlelo lwemifunda­ze i-adopt-a-school Trust. Kusolwa ukuthi kunezinto ezingahanj­iswanga ngendlela. Kuthiwa kwahlomula izihlobo zikadkt Masuku kungafanel­e. Ngaphezu kwalokho kuthiwa kunemali eyangena kwiakhawun­ti yakhe.

Ukubhekana kwakhe nalezi zinsolo kungaholel­a ekutheni kugcine sekunakash­elwa I-IEC ngezinto ezingenasi­dingo ngenxa yokuthi iwuhlaka olumqoka ekuphileni kwentando yabantu.

Udkt Masuku ubekhuthel­e ngesikhath­i sokhetho futhi ubeba yingxenye yezithanga­mi nabezindab­a esikhungwe­ni i-national Results Operation Centre ebesise-midrand, egauteng.

Ukuboshwa kwakhe kungenzeka kubeke ifu elimnyama phezu kwe-iec nxa sekubhekwa nomsebenzi abewenza.

Ikhomishin­i ithembise ukuthi izoqapha ukuthi udaba luqhubeka kanjani. Ekugcineni kulele kwiiec ukuthi isivikela kanjani isithunzi sayo kulolu daba.

Okwenzeka kudkt Masuku kufakazela ukukhuluma okuthi icala kaliboli. Ngakolunye uhlangothi kuveza ubuthaka benqubo yezobulung­iswa. Kuyabalima­za abanye ukuthi kuthatha iminyakany­aka ukuze baquliswe ngezinsolo ezichaphaz­ela amagama abo.

Ngakho siyathemba ukuthi oklebe bambopha nje, sebehlome ngobufakaz­i ukuze udaba lufinyelel­e esiphethwe­ni ngokushesh­a. Ngeke kulokhu kuthiwa kusaphenyw­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa