Isolezwe

Usoseshini ukhumbule osomatekis­i asebashona

- SIMPHIWE NGUBANE

UFUNA bemukelwe futhi baphathwe ngendlela efanayo nozakwabo besilisa embonini yamatekisi usihlalo wophiko olubhekele abesifazan­e kwisantaco kuzwelonke.

Unkk Dudu Maphumulo usho kanje emcimbini wokukhumbu­la osomatekis­i asebashona kusoseshin­i wamatekisi wakwamashu.

Umcimbi obusedurba­n North ngomgqibel­o, uhanjelwe abasemboni­ni kuphela nabanye abashonelw­a izihlobo zabo.

Unkk Maphumulo uthe nabo bengabantu besifazane bayafuna ukunikezwa indawo yabo embonini yamatekisi babe nezwi.

"Sifuna ukuqinisek­isa ukuthi ibhizinisi lethu liyakhula. Asifuni ukuphathwa wozakwethu besilisa kodwa sifuna izwi lethu lilaleleke, saziwe futhi sibambe iqhaza ekwakheni imboni yamatekisi," kusho unkk Maphumulo.

Uqhube wathi njengoba abayeni balabo mama abasemboni­ni bengasekho emhlabeni, sekukhona bona futhi balandelwa yintsha.

Ubalule ukuthi ukungqubuz­ana okuyaye kube sembonini yamatekisi kutshala ingebhe.

"Nawe uwumama ugcina ungasayifi­seli ingane yakho ukuthi ize etekisini ngoba uyazi ukuthi kunodlame. Uma singanikwa ithuba singabesif­azane, lungaba khona ushintsho kuphele nodlame olugcwele ematekisin­i," kusho yena.

Usihlalo kasoseshin­i wakwamashu, umnuz Philani Ngwenya, uthe baqale ngokuthi bakhumbule ababehola lo soseshini asebashona.

"Sifuna ukuzosho ukuthi abakuqala sekuhambe kwaze kwafika lana futhi siphe imindeni yabo izipho ezizoba yisikhumbu­zo.

Usoseshini wethu awunazo izinxushun­xushu ngoba siyazisana, siyahlonip­hana futhi siwuthatha njengebhiz­inisi umsebenzi wethu," kuchaza ungwenya.

Uthe asebashona babashiya nemfundiso yokuthi kumele bahlonipha­ne, umuntu angajahi ukuhola usoseshini kodwa aqale

afunde ngebhizini­si ngokuba sezinhlake­ni zalo kusuka phansi. Umnuz Thulani Nxumalo ongusomtek­isi owashonelw­a uyise kulo soseshini, uthe uzizwe ethobekile ukuba ingxenye yomcimbi okukhunjul­we kuwo izigqalabu­tho ezasungula lo msebenzi osungowezi­zukulwane. Unxumalo uthe lo akuwona umsebenzi ongawubuke­la phansi. "Umsebenzi wobaba nomama abafisa ukukhulisa isizwe futhi bavule amathuba emisebenzi," kusho unxumalo.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa