Isolezwe

Iyoga ingayihlan­ganisa imihlambi eyalanayo: Ndunankulu

- PHILI MJOLI

IYOGA ingasiza ukuhlangan­isa izinhlanga ezehlukene ezihlala Kwazulu-natal.

Lokhu kushiwo ngundunank­ulu wakwazulun­atal, umnuz Thami Ntuli, ngesikhath­i kugujwa usuku lweyoga emhlabeni, i-internatio­nal Yoga Day, embuthanwe­ni obuhlelwe inhlangano isivananda World Peace Foundation ethekwini, ngomgqibel­o.

Untuli uthe uyayeseka iyoga ngoba iyithuluzi elisiza ekutheni abantu banyakaziz­e umzimba okubenza baphile kahle baphinde bakwazi ukuphilisa­na.

"Ngiyafisa ukuthi isabalale kuso sonke isifundazw­e, ingabukeki njengento yasethekwi­ni kuphela," kusho untuli.

Obeyiphini likangqong­qoshe wezempilo kuleli, udkt Sibongseni Dhlomo, uthe iyoga iyasiza ekutheni abantu bakwazi ukuxhumana nobubona futhi bakwazi ukuphilisa­na. Ngaphezu kwalokho, yenza ukuthi baphile kahle okusiza ngokuthi abantu bangaguli kakhulu baze badinge ukulaliswa ezibhedlel­a.

Umnuz Ishwar Ramlutchma­n Mabheka Zulu wesivanand­a World Peace Foundation, uthe kulo nyaka kuphela iminyaka engu-10, inhlangano yezizwe i-united Nations yabeka usuku lokugujwa kweyoga emhlabeni.

"Iyoga iyasiza ekutheni abafundi bakwazi ukumela nezifundo bangabi nengcindez­i novalo. Abantu abadala nabo ngeke sibashiye ngaphandle ngoba iyabasiza kakhulu, belule imisipha nokulwa nezifo ezingamahl­alakhona.

Iyoga ilungele wonke umuntu. Iyaziqheli­sa izifo ezifana nengcindez­i, izifo zenhliziyo nezinye," kusho uramlutchm­an.

Uqhube wathi ibuye isize nabantu abasha ekutheni ibanikeze umfutho ongapheli ukuze bakwazi ukubhekana nezinselel­o zabo ezifana nokufunda umsebenzi nokunye.

Unksz Thuli Mazibuko wasenanda ongomunye wabantu ebebehambe­le lo mgubho, uthe uyilungu lenhlangan­o imandlela NPO egqugquzel­a ukuthi abantu balandele izinhlelo zeyoga ukuze baphile kahle.

"Ngiyijoyin­e kulo nyaka, bengingazi lutho ngayo. Selokhu ngiyijoyin­ile ngiyawubon­a umehluko. Sengiyakwa­zi ukulawula ukudinwa kangcono, sengizizwa ngilula," kusho unksz Mazibuko.

 ?? ?? ABANYE babantu ebebehlang­ene ethekwini begubha i-internatio­nal Yoga Day ebihlelwe isivananda World Peace Foundation Isithombe: KHAYA NGWENYA
ABANYE babantu ebebehlang­ene ethekwini begubha i-internatio­nal Yoga Day ebihlelwe isivananda World Peace Foundation Isithombe: KHAYA NGWENYA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa