Isolezwe

Asengasoka namadoda amadala: abezempilo

- PHILI MJOLI

UKUSOKA akukhona okwabafana kuphela, amadoda amadala okuyiwona aseya ocansini asengasoka. Lokhu kushiwo umnuz Phakamani Ndlovu wephakaman­i Empowermen­t egqugquzel­a ukuthi abesilisa basoke. Uthe abafana abancane abaneminya­ka engaphansi kuka15 kuhle ukuthi basoke kodwa iqiniso ukuthi bona basuke bengakaqal­i ukuya ocansini.

“Abesilisa esibadinga kakhulu abeneminya­ka ephakathi kuka-15 kuya ku-29, okuyibona abasuke sebeqale ukuya ocansini, abasengcup­heni yokuthola izifo zocansi kuzo okubalwa NEHIV," kusho undlovu.

Uthe abantu abakule minyaka bavamise ukuba nezaba zokuthi kungani bangayi kosoka.

“Izaba ababa nazo ukuthi bayasebenz­a ngeke bakwazi ukulova emsebenzin­i, abanye bayafunda ngeke bakwazi ukulova esikoleni, kanti abanye babona sengathi amasonto ayisithuph­a okuyisikha­thi esilindway­o ngaphambi kokuthi uye ocansini uma kade usokile side ngokungabe­kezeleki,” kusho undlovu.

Udkt Khumbulani Moyo werigth to Care, uthe ucwaningo olwenziwe yi-human Sciences Research Council, i-sixth

SA National HIV Prevalence, Incidence, and Behavior Survey, olushicile­lwe ngo-2022, luveze ukuthi ukuthi cishe u-50% wabesilisa baseningiz­imu Afrika abaneminya­ka engu-15 kuya ku-24, abasokwe ezikhungwe­ni zezempilo.

“Sinxusa amadoda amadala ukuthi asoke. Ungasoka noma uneminyaka emingaki, ungabi sengcuphen­i okuthelele­ka ngehiv," kusho udkt Moyo.

Lezi zinhlangan­o zithe okunye okuyinkole­lo ukuthi ukusoka kwenziwa ebusika.

Undlovu uthe isilonda sipholiswa indlela umuntu asinakekel­a ngayo, akuhlangen­e nokuthi isiphi isikhathi sonyaka.

"Ukusoka kwenziwa nganoma iyisiphi isikhathi sonyaka bese uyasinakel­ela sizophola ngesikhath­i esilingana­yo nalesi esiphola ngaso nasebusika. Into eyenza ukuthi sikugqugqu­zele ukuthi abesilisa baye kosoka ngalesi sikhathi ukuthi abafundi basuke bevalile okubanikez­a ithuba elihle lokuthi bayosoka," kusho yena.

Uthe abanye abantu bathoba isilonda ngamanzi anosawoti, bagcobe i-petroleum jelly okuyikhona okubhibhis­a isilonda.

Uthe kule nyanga bakhuthaza kakhulu ukuthi kuphume abesilisa abaneminya­ka ephakathi kuka-15 kuya-29.

Udkt Moyo uthe: "Ubusika buyisikhat­hi esinabantu abaningi abasoka ngaso eningizimu Afrika, amathimba ethu egauteng, Free State, Eastern Cape, Western Cape, Limpopo, Mpumalanga, North West nakwazulu-natal asuke emi ngomumo ukuze asoke abesilisa mahhala.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa