Inqwaba yezinguquko kwabe-mk abazofungiswa ephalamende
IQEMBU eliholwa owayengumengameli, umnuz Jacob Zuma, IMK, lenze inqwaba yezinguquko ohlwini lwamalungu ayo azofungiswa ephalamende kusasa.
I-MK yathola izihlalo ezingu-58 ephalamende. Iphalamende liveze ukuthi le nhlangano yenze izinguquko ezingu-21 ohlwini lokuqala olwashicilelwa yinhlangano eyengamele ukhetho, i-independent Electoral Commission (IEC).
Uhlu lokuqala lwe-mk lwalunegama likazuma phezulu, elalilandelwa elaloyo owabhalisa ngokusemthethweni le nhlangano, umnuz Jabulani Khumalo.
Bobabili uzuma nokhumalo bayingxenye yezinguquko ezenziwe ohlwini.
Uzuma ukhishwe ngenxa yokuthi inkantolo yanquma ukuthi akakulungele ukuba yilungu lephalamende ngoba wagwetshwa isikhathi esingaphezu konyaka ebhadla ejele. Ukhumalo yena waxoshwa eqenjini.
I-MK imemezele ukuthi ephalamende izoholwa owayengumengameli wamajaji ewestern Cape, udkt John Hlophe.
Uhlophe wachithwa ekubeni ijaji emva kokulahlwa yicala lapho ayephenyelwa izinsolo zokuthi wazama ukunxenxa amajaji ukuba enzelele uzuma ecaleni lenkohlakalo.
Okhulumela iphalamende, umnuz Moloto Mothapo, uthe umthetho uyawavumela amaqembu ezepolitiki ukuba enze izinguquko ngaphambi komhlangano wokuqala wokufungiswa kwamalungu ephalamende.
Nasesishayamthetho sakwazulu-natal, I-MK yenza inqwaba yezinguquko ohlwini lwayo.
Umothapo uthe amalungu E-MK azofungiswa inhloko yamajaji uraymond Zondo, noma ijaji elizojutshwa uzondo.
“Lokhu kwenziwa ngoba kuzokube kungokokuqala ukuthi la malungu enze isifungo njengoba kade kunokhetho. Usomlomo useyokube esefungisa amanye-ke amalungu azojoyina iphalamende ngokuhamba kwesikhathi.”
Amalungu E-MK awazange alubhade mhla uzondo ayefungisa ozakwabo bakwamanye amaqembu njengoba ayekhala ngokuthi ukhetho aluzange luhambe kahle.
Kwaphoqa ukuthi iphalamende lihoxise zonke izinhlelo zokuya kwamalungu E-MK ecape Town, okukhona kuzo amathikithi ezindiza nezindawo zokuhlala.
Umothapo uthe bawahlelele wonke amalungu E-MK azofungiswa.
Ngakolunye uhlangothi, uhlophe uthe uyena oncenge uzuma ukuba avume ukuthi bayofunga ephalamende.
Uhlophe uthe emhlanganweni wakhe nozuma, uveze ukubaluleka kokuthi amalungu
E-MK aye ephalamende.
Lokhu ukusho ngesikhathi ekhuluma emcimbini obuhlelwe abameli bebala elinsundu obusethekwini ngomgqibelo.
“Ngamtshela ngathi, ‘baba, asiye ephalamende. Ngimbonile, bengize kuyena. Ngijabule ukusho ukuthi sizofungiswa ngolwesibili.”
Uhlophe uthe umsebenzi wakhe ephalamende kuzokuba ukuhlanganisa izinhlangano ezimele abantu abamnyama.
Uthe uzuma ubeseziqalile izingxoxo nabaholi bamanye amaqembu abaluleke kubo njengomholi WE-EFF, umnuz Julius Malema.
I-MK NE-EFF ngamanye amaqembu angeyona ingxenye kahulumeni wobumbano.