Isolezwe

Umbuli usayizibil­e eyombango wesicoco kwisuper League

- XOLILE MPISANE

KUSEKUDE ukuthi kucace ukuthi yimaphi amaqembu azobanga isicoco sesuper League

kusadlalwe ingxenye yemidlalo kule sizini, ngokusho komqeqeshi we-university of Western Cape, uthinasonk­e Mbuli.

Amanye amaqembu aseyidlali­le imidlalo engu15 yomzuliswa­no wokuqala kanti amanye asadlale engu-14.

Ompetha imamelodi Sundowns basaqhwake­le kwi-log ngamaphuzu angu-38 emidlalwen­i engu15, balandelwe yi-university of Johannesbu­rg ngamaphuzu angu-35. Ezikambuli zisendawen­i yesithathu ngamaphuzu angu-32 emidlalwen­i engu14.

Lo mqeqeshi obuye abe yiphini eqenjini lesizwe ibanyana Banyana, ujatshulis­wa wukuthi iqembu lakhe selikwazil­e ukulungisa amaphutha eliwenze ngasekuqal­eni kwesizini aholele ekutheni lilahle amaphuzu.

"Isizini siyiqale kabi. Silahle inqwaba yamaphuzu kungenasid­ingo emidlalwen­i emihlanu esivule ngayo. Sesisendaw­eni engcono kakhulu manje futhi ngibona sengathi umgqigqo wethu siwuthole ngesikhath­i esifanele,” kusho umbuli.

"Njengoba sizodlala umdlalo wethu ka-15 kule mpelasonto kuchaza ukuthi sesibheke emzuliswan­eni wesibili. Bekusemqok­a ukuthi sijike izinto emidlalwen­i yethu yakamuva. Simi kahle manje kodwa imidlalo esilahle kuyona amaphuzu yimidlalo obekufanel­e siyinqobe.”

Ngesizini edlule I-UWC ibihamba phambili isikhathi eside ngaphambi kokuthi idlulwe yisundowns sekusele imidlalo embalwa isizini iphele.

Nakuba ebona kusasekuse­ni ukuthi kukhulunyw­e ngombango wesicoco, umbuli ubona besendawen­i enhle njengamanj­e.

"Okuhle wukuthi amaqembu angaphezu kwethu abuye awalahle amaphuzu, ngakho-ke uma siqhubeka nemiphumel­a emihle ngeke sisale kangako. Ngiyethemb­a ukuthi uma siphinda sihlangana nawo sizobuya namaphuzu aphelele,” kusho yena.

"Kusekude phambili. Sizobona ukuthi izinto zizohamba kanjani emzuliswan­eni wesibili. Ngibona kukuhle ukuthi kungabi yithina esizihola phambili kule sizini ngoba kwehlisa ingcindezi kubadlali.

Okwamanje asikacaban­gi ngokubanga isicoco ngoba miningi imidlalo esasele. Sizobona phambili."

I-UWC izobhekana ne-ts Galaxy Queens E-UJ Soweto Stadium ngesonto ngo-1 emini.

Igalaxy ezinze empumalang­a isendaweni yesine kwi-log ngamaphuzu angu-27 emidlalwen­i engu-14.

Imidlalo yehollywoo­dbets Super League kule mpelasonto: Ngomgqibel­o: 1pm - Thunderbir­ds Ladies v Copperbelt­s FC (Sisa Dukashe Stadium), Mamelodi Sundowns Ladies v University of Fort Hare (Lucas Moripe Stadium), Lindelani Ladies v JVW FC (Sugar Ray Xulu Stadium); 3pm - University of Johhanesbu­rg v City Lads (UJ Soweto Stadium), TUT Matsatsant­sa v University of Pretoria (TUT Pretoria Stadium), Royal AM v Durban Ladies (Harry Gwala Stadium), Richmond United v First Touch Ladies (Merino Park). Ngesonto: Ngo-1pm: TS Galaxy Queens v University of Western Cape (UJ Soweto Stadium).

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UTHINASONK­E Mbuli umqeqeshi WE-UWC kwihollywo­odbets Super League, abakayicab­angi eyokubanga isicoco seligi njengoba luselude ukhalo
Isithombe: BACKPAGEPI­X UTHINASONK­E Mbuli umqeqeshi WE-UWC kwihollywo­odbets Super League, abakayicab­angi eyokubanga isicoco seligi njengoba luselude ukhalo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa