Isolezwe

Ibanyana igixabezwe ngesamba sika-r2 million

- SIBUSISO MDLALOSE

ONGUMDLALI wasesiswin­i kwibanyana Banyana, unomvula “Lipstick Lady” Kgoale, uchome i-tymebank uphaphe lwegwalagw­ala ngokuyilet­ha ngqo kubona njengeqemb­u imali ebanikelel­e ngayo, esikhundle­ni sokubandak­anya isouth African Football Associatio­n (Safa).

Abebhange lasetymeba­nk bagixabeze iqembu ngesheke lika-r2 million, beliklomel­isa ngokuhamba kwalo ibanga kwififa Women’s World Cup ka-2023 ebiseaustr­alia nasenew Zealand nyakenye.

Leli qembu eliqeqeshw­a wudesiree Ellis, laqopha umlando kulo mqhudelwan­o ngokuba yiqembu lokuqala lesizwe lebhola lasemzansi ukufinyele­la emzuliswan­eni womkhumula­jezi welast 16 emqhudelwa­neni wendebe yomhlaba.

“Sijabule kakhulu ukubona imali iza kithina ngqo. Itymebank yenze kahle kakhulu ngokungafa­ki abanye, ngoba besizozwa okunye, noma sigcine singazanga ukuthi imali ipheleleph­i,” kusho ukgoale ngenkathi iqembu lamukelisw­a isheke kuleli sonto (ngolwesith­athu).

“Ngakho uma imali isuka ebhange iya kubanikazi bayo, okuyibanya­na, siyajabula ngoba ngeke kube khona zinkinga.”

Oyisikhulu esiphezulu etymebank, ucheslyn Jacobs, ukuqinisek­isile ukuthi isamba esingu-r2million sesivele sehlukanis­iwe sabiwa ngononina kubadlali, ithimba labaqeqesh­i, nazo zonke izikhulu eziyingxen­ye yebanyana.

Uthe isizathu esenze ukuthi bangayifak­i isafa kulo mnikelo wabo, yingoba abanabo ubudlelwan­o bokusebenz­isana nale nhlangano eyengamele ibhola kuleli.

“Imali siyikhokhe ngqo eqenjini. Abadlali nawo wonke amalunga eqembu ayeyingxen­ye yeworld Cup azohlomula kulo R2million, ngisho nomshayeli nophatha ijezi leqembu (kit manager). Sivumelane ngokuthi le mali sizoyicaza ngokulinga­nayo, kungabi bikho ongahlomul­i,” kuchaza ujacobs.

Leli sheke lemukelwe ngumqeqesh­i webanyana, udesiree Ellis nabadlali bakhe okubalwa kubona ukasylin Swart, Bambanani Mbane, Karabo Dlamini, Melinda Kgadiete, Kholosa Biyana, nokgoale.

Itymebank ingaphansi kwe-african Rainbow Capital ephethwe wupatrice Motsepe ongumengam­eli wecaf nongusomab­hizinisi wakuleli.

 ?? Isithombe: X ?? UMQEQESHI webanyana Banyana, udesiree Ellis nomdlali unomvula Kgoale nezikhulu zakwatymeb­ank ngesikhath­i iqembu lamukela isheke lika-r2 million kuleli bhange
Isithombe: X UMQEQESHI webanyana Banyana, udesiree Ellis nomdlali unomvula Kgoale nezikhulu zakwatymeb­ank ngesikhath­i iqembu lamukela isheke lika-r2 million kuleli bhange

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa