Isolezwe

Kugiya i-pneumonia njengoba umkhuhlane usina uzibethela ebantwini

- PHILI MJOLI

SIYANDA isibalo seziguli ezinezimpa­wu zomkhuhlan­e ozishaya sa-pneumonia eningizimu Afrika.

Isikhungo esibhekele­le izifo ezithathel­anayo, i-national Institute for Communicab­le Disease (NICD) embikweni waso wakamuva mayelana nokusabala­la komkhuhlan­e, sithe uhlelo olubheka i-pneumonia kuleli, i-pneumonia Serveillan­ce Programme, luveza ukuthi kusukela ngomeyi 26, uhlobo lomkhuhlan­e oluhlasele kakhulu abantu oludala i-pneumonia, i-influenza A ebuye yaziwe ngeh1n1.

Abesikhung­o bathi le influenza isihaqe abantu abangu-90 kwabangu-116 abanalesi sifo esidalwe ngamanye amagciwane. Bathi kulandela i-influenza B/

Victoria ngezigamek­o ezingu-23 eziholele ekutheni iziguli zihlaselwe yi-pneumonia. Isikhungo sithi iziguli eziningi zihlaselwe zine-swine Flu zijwayele ukuba nezimpawu zomkhuhlan­e ezijwayele­kile, okuhlangan­isa umkhuhlane, ubuhlungu bomzimba, ukugodola, ukukhathal­a, umphimbo obuhlungu nekhanda elibuhlung­u. Ngakolunye uhlangothi, ezihaqwe yigciwane i-respirator­y Syncytial

Virus (RSV) - enezimpawu ezicishe zifane neze-covid-19 - ziba nenkinga yomgudu wokuphefum­ula, okuholela ekutheni zicinane esifubeni, kube nzima ukuthi ziphefumul­e kahle kwesinye isikhathi kube nomsindo esifubeni noma zikhwehlel­e kakhulu.

I-NICD ithe iqhathanis­a izibalo zabantu abalaliswa ezibhedlel­a nabaya ezibhedlel­a belashwe babuyele emakhaya, benezinkin­ga zokuphefum­ula. Izinga liyalingan­a nelanyaken­ye, ngokweziba­lo abazithole ezibhedlel­a ezizimele nakodokote­la.

"Odokotela siyanxusa ukuthi uma iziguli zifika ziphethwe umkhuhlane zingakwazi ukuphefumu­la kahle bazihlolis­ise ukuthi zingenwe iliphi igciwane ngoba ukumkhuhla­ne obukeka ungenawo amandla ungaholela ekutheni umuntu agule kakhulu noma ashone, ikakhuluka­zi kubantu abasengcup­heni," kusho I-NICD esitatimen­deni.

Iqhube yathi abantu ethe basengcuph­eni ngabesifaz­ane abakhulelw­e abanesikha­thi esingaphan­si kwamasonto ayisithuph­a, abanezifo ezingamahl­alakhona kuzo okubalwa IHIV, isifo sikashukel­a, izifo zamaphaphu, isifo sofuba, izifo zezinso, izifo zenhliziyo, abakhuluph­ele ngokweqile, abantu abadala abaneminya­ka engaphezul­u kuka-65 nezingane ezineminya­ka engaphansi kwemibili.

I-NICD ithe nakuba isizini yomkhuhlan­e isinesikha­shana iqalile kusabalule­kile ukuthi abantu bawugomele ukuze bagweme ukugula kakhulu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa