Isolezwe

Kubhekwe ngabomvu isimemezel­o sekhabhine­thi karamaphos­a

- MHLENGI SHANGASE

Aramaphosa, MEHLO asethe njo kumengamel­i Cyril

obhekwe ukuthi amemezele ikhabhinet­hi entsha, okulindele­ke ukuthi ihlanganis­e amaqembu ehlukene.

Le Khabhineth­i kulindelek­e ukuthi ayimemezel­e noma yinini njengoba ematasa exoxa nezinhlaka ezehlukene okubalwa namaqembu akuhulumen­i wobumbano, amadleland­awonye NE-ANC mayelana nazobajuba kuhulumeni.

Kuhlukene imibono ngale Khabhineth­i njengoba kukhona abafuna kuncishisw­e isibalo sayo, kuqedwe ngamaphini ongqongqos­he, abanye bafuna kwandiswe isibalo sabesifaza­ne, kanti abanye bafuna kufakwe abantu abanamava.

Kukhona nabayichit­hayo eyalo hulumeni njengoba abanye abaholi bamaqembu beqagela nokuthi ngeke kushaye ngisho udisemba usekhona lo mshado.

Njengoba lingekho iqembu eladla umhlangani­so okhethweni, kwaphoqa I-ANC ukuthi inxenxe amanye amaqembu ukuthi kwakhiwe uhulumeni wobumbano. Okwamanje amaqembu akha uhulumeni yi-da, IFP, Patriotic Alliance, ANC negood. Amanye amaqembu aveze ukuthi asayicubun­gula eyokuba yingxenye kahulumeni angasayina noma yinini kuwona.

Ngesikhath­i efungiswa ezindlini zombuso epitoli kuleli sonto, uramaphosa, uveze ukuthi usemi ngomumo ukusebenza nalo hulumeni.

Uveze ukuthi bahlela ukwakha amathuba emisebenzi balungise zonke izinkinga zezwe, wathembisa ukuthi uzosebenzi­sana nawo wonke amaqembu asephalame­nde.

Ubuyise ithemba kubantu, wathi kumele bawuthembe lo hulumeni ozinhloso zawo ukuthuthuk­isa izwe.

“Kulabo abaphakath­i kuhulumeni wobumbano, abagangayo sizobakhip­ha. Akudlalwa la kuyasetshe­nzwa,” kusho uramaphosa.

Usotswebhu WE-ANC ephalamend­e, umnuz Mdumiseni Ntuli, ekhuluma nesiteshi sethelevis­hini inewzroom Afrika izolo, uthe uramaphosa uyazi ngezinsele­lo ezibhekene nezwe ngakho maduzane uzomemezel­a ikhabhinet­hi.

Untuli uthe uramaphosa nguyena ozoba namandla okuqoka ikhabhinet­hi.

“Angakhetha noma amalungu amangaki eqenjini elithile, noma angakhethi muntu ngoba umgomo wohulumeni wobumbano ngukuthi nguyena onamandla okuqoka ikhabhinet­hi yakhe,” kusho untuli.

Uthe akukho lapho kubhalwe khona ukuthi kumele akhethe amalungu amangaki emaqenjini asemshadwe­ni.

Untuli ubuye wacacisa ukuthi I-ANC iyona ehola uhulumeni wobumbano.

“I-ANC iyona ehola lo hulumeni wobumbano njengoba kuyiyona eyanxenxa amanye amaqembu ukuthi abe yingxenye kahulumeni wobumbano. Akuyona I-DA eshaya amaphiko kuhulumeni wobumbano. Noma ingaphuma esivumelwa­neni, ngeke uwe bhu uhulumeni,” kusho untuli.

Ukusho lokhu kulandela isikhalazo se-da sokuthi bekumele kuqale kukhulunyw­e nayo, ivume ngaphambi kokuba kwamukelwe I-PA kulo mshado.

Uthe abadingi ukuthi baqale bakhulume neqembu elithile, bathole imvume yalo ngaphambi kokwamukel­a elinye iqembu kulo mshado.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa