I-ANCYL ifuna kususwe umphathiswa oyedwa Kwazulu-natal
I-ANC Youth League (ANCYL) isiyenze isiphakamiso sokuthi oyedwa wabaphathiswa abathathu BE-ANC abaqokwe ngundunankulu wakwazulunatal, umnuz Thami Ntuli, kube umuntu omusha.
Lokhu kushiwo umengameli WE-ANCYL, umnuz Collen Malatji, obekhuluma nabezindaba izolo.
Abaholi BE-ANC abaqokelwa ezikhundleni Kwazulunatal, umnuz Siboniso
Duma ongumphathiswa wezokuthutha nokuhlaliswa komphakathi, Nksz Nomagugu Simelane ongumphathiswa wezempilo, nomnuz Sipho Hlomuka ongumphathiswa wezemfundo.
Umalatji uthe kubajabhisile ukungaqokwa kwentsha ngesikhathi kumenyezelwa ikhabhinethi yakwazulunatal.
“Abantu abasha kufanele banikezwe izikhundla. Asinendaba noma ngabe banikezwe izikhundla ezintathu, kufanele kube khona umuntu omusha ozonikezwa isikhundla. Lapha Kwazulunatal bavele baqoka abantu abadala bodwa.
“Ngakho sifuna ukuthi oyedwa wabo esule esikhundleni, bese kungena umuntu omusha. Kuyaziwa ukuthi I-ANC yinhlangano yabo bonke abantu.
Akukwazi-ke ukuthi uma sekwabiwa izikhundla bese intsha nabesifazane beshiywa ngaphandle.”
Umalatji uthe ezifundazweni i-eastern Cape nelimpopo, intsha iqokelwe ezikhundleni ezimqoka, wathi kubaphoxile ukusala ngaphandle kwentsha ngesikhathi kukhethwa Kwazulu-natal.
Uthe balindele ukuthi intsha iphinde ihlomule uma umengameli Cyril Ramaphosa, esememezela ikhabhinethi yakhe.
“Sifuna ukuthi uramaphosa angayikhohlwa intsha uma eseqoka ongqongqoshe namaphini abo.”
Umalatji uthe awakhohlwe amaqembu ezepolitiki azongena kuhulumeni wobumbano ngoba nakhu ejahe izikhundla.
Avele akhona amaqembu ayingxenye yohulumeni wobumbano aseshilo ukuthi afuna ukunikwa ziphi izikhundla.
Umalatji uthe uramaphosa nguyena ozokhetha ukuthi uqoka baphi ongqongqoshe.
“Nakuba sinohulumeni wobumbano kodwa iqiniso ukuthi umengameli unelungelo lokukhetha ikhabhinethi.
Yebo kufanele umengameli abonisane namaqembu ayingxenye kahulumeni wobumbano ngaphambi kokuqoka ongqongqoshe.
Vele naphambilini ubeqale abonisane NE-SACP, Cosatu, ANCYL NE-ANCWL ngaphambi kokuthi aqoke ikhabhinethi.
“Kodwa into engeke yenzeke yilena yokuthi sifike simeme abantu ukuthi bezokuba ingxenye kahulumeni wobumbano, bese befike befune ukusishayela umthetho. Wonke la maqembu ayingxenye yobumbano amenywe yithi. Angikwazi-ke ukufike ngikumeme endlini yami, bese ufuna ukungishayela umthetho.”