Incwadi enamasu okuqeda inkinga yolayini emitholampilo
UKUBONA olayini abade emitholampilo kumenze wabhala incwadi eza nezixazululo zale nkinga futhi ethuthukisa usizo olunikwa iziguli.
Udkt Dudu Sokhela ubhale incwadi esihloko sithi A Framework for Continuous Quality for Fast Queues in Clinics in ethekwini.
Le ncwadi uyibhale emuva kokwenza ucwaningo ezifundweni zakhe ze-phd okuyizona ezimzuzele iziqu zobudokotela.
“Ngibhale incwadi ngoba umsebenzi wami wokucwaninga ngezingqinamba zolayini bekungoweziqu. Umsebenzi wocwaningo ufundwa kakhulu yizitshudeni nosolwazi bemikhakha ethile. Ngibone ukuthi angibhale incwadi ezosiza amanesi ukuphucula umsebenzi wawo ezikhungweni zempilo,” kuchaza udkt Sokhela.
Uthe ngo-2001 kwaqala uhlelo lokunciphisa olayini abade lapho abantu abazolanda amaphilisi kashukela, HIV, abazogoma izingane nabanye abazele into eqondile babemiswa kulayini osheshayo.
Uveze ukuthi ucwaningo lwakhe belubheka ukuthi laba bantu bayahlolwa kahle ngaphambi kokuthi banikwe imithi yabo njengoba imitholampilo igcwala.
Akutholile ukuthi abanye abasuke bezolanda amaphilisi bagcina bengasahlolwanga kahle ngoba amanesi asuke esheshisela ukubona abanye ukuze kunciphe olayini.
Uphakamise ukuthi kufanele kuqashwe abanye onesi abazothatha umfutho wegazi, isisindo nokunye okubhekwa esigulini ngaphambi kokuthi sidlulele kunesi ozosinika imithi asiluleke nangendlela okufanele siphile ngayo ukuze sihlale siwumqemane.
Uthe incwadi izosiza abahlengikazi nabaphathi bezikhungo zezempilo, ithuthukise izinga lezempilo kubantu futhi iqinisekisa ukuthi abantu kabami kolayini abade.
Udaba lolayini abahlanganisa wonke umuntu uyaluchitha njengoba ethi kubalulekile ukuthi abazolanda amaphilisi abo nabazogoma izingane baqonde lapho bezosizakala khona esikhundleni sokubamba ulayini nawo wonke umuntu oziphathelwe ngezinye izifo.
Le ntokazi yakwangcolosi ithi abazali bayo ababengafundile yibona abayigqugquzela ukuthi ifunde ngoba yathi uma isiqede ugrade 11 Kwahlahlindlela Secondary, unina wayiyalela ukuthi ayiyophothula u-matric esacred Heart yathi uma iqeda lapho yayofundela ubuhlengikazi.
Ithe iyaziqhenya ngokuba wumuntu wokuqala emndenini wayo ukuthola iziqu zemfundo ephakeme.
Udkt Sokhela uke wasebenza njengomhlengikazi ezikhungweni zempilo ezehlukene, njengamanje ufundisa edurban University of Technology (DUT).
Uthe incwadi yakhe ishicilelwe ngomeyi 31 YI-ITUTA AOSIS kanti iyatholakala ngokuvakashela u-https://doi. org/10.4102/aosis.2024.bk452.
Uveze ukuthi kade wakuthanda ukubhala nokufunda kwazise eseyingane ubefunda izincwadi namaphepha aze athethiswe kubo ngoba wayesolwa ngobuvila.
“Ngangifunda izincwadi namaphephandaba okwakuphathwa wumama uma ebuya emsebenzini ngisafunda amabanga aphansi. Ngangisolwa ngobuvila njengoba kwakuthiwa ngifunda izincwadi ukuze ngingayi ukuyokha amanzi emfuleni noma ngiyotheza okanye kuthiwe ngibalekela ukusinda. Abazali babengafundile babezitshela ukuthi umuntu kufanele afunde phakathi nesonto, hhayi ngempelasonto,” kusho udkt Sokhela.
Uthe ukufunda kubalulekile ngoba kwakumvula ingqondo, kumsiza ukuthi abe wumfundi okhaliphile.
Esefunda amabanga aphezulu, uthi kwakumsiza ukubhala izindatshana ezincane nezinkondlo ngoba kwakuyindlela yakhe yokukhuluma njengoba ewumuntu othulayo kuhle kukayise.
Uthe yize ayekukhonzile ukubhala kodwa wayengakaze acabange ukuthi ngelinye ilanga uyobhala incwadi. Uthe lokhu kwamfikela esenza izifundo zakhe ze-masters, ukubhala kwakhe uthi kwavivinyeka kwase kuthuthuka kakhulu esenza iziqu zobudokotela.
Uveze ukuthi usebhale iziqephu ezintathu zezinye izincwadi ezizoshicilelwa maduze kanti ubuye alekelele izitshudeni ezenza ucwaningo ukuze zikwazi ukushicilela umsebenzi wazo.
Uthe ukubhala incwadi ube usebenza akuwona umdlalo, kudinga ukuthi unikele ngesikhathi sakho futhi wazi ukuthi uzozinikela ekubhaleni incwadi.
Ubonge osolwazi akade bemlekelela ezifundweni zakhe namadodakazi akhe amabili, unosipho nothula Mngoma, athe abemgqugquzela noma esefuna ukuphonsa ithawula.