Isolezwe

Ngiyakuchi­tha ukuthi ilembe lafika emzimvubu

- Phila Mthethwa EMPANGENI

MHLELI: Cishe inyathi kandaba yajama ngomkhonto phezu komzimkhul­u hhayi umzimvubu. Kokunye izibongo zamakhosi ukubhalwa kwazo kwakusuke sekufunise­lwa.

Uma ngihamba ngiyazibuz­a izindawo nomlando wazo. Ngesikhath­i ngisedutyw­a ngojulayi 2019 ngabuza ngomfula umzimvubu ngoba ngangingab­aza ukuthi ilembe lake lafika laphaya.

Isiyalu sawo sisenhla ngalapho imifudlana ithina netsitsa ingenela khona emzimvubu. Ukude kakhulu lo mfula le kolebode emampondwe­ni asenyanden­i.

Ngesikhath­i ilembe lihlasela ingonyama ufaku kangqungqu­she, amampondo ayengakahl­ukani, onke ayesazinze ekomkhulu lawo eqawukeni esigodlwen­i esikhulu senkosi ufaku.

Kwasuka umntwana undamase kafaku wawela umzimvubu wayokwakha isizwe sakhe samampondo asenyanden­i esegejene nomfowabo umqikela ababehluke­ne ngondlunku­lu ababazalay­o. Inkosi umqikela yasala eqawukeni.

Ngalokhu mina ngibona ukuthi izingonyam­a ushaka nofaku zazibanga umzimkhulu.

Iningi lamadlinza amakhosi asemampond­weni asemzimkhu­lu njengoba ake azinza khona ngaphambi kokuwela umthamvuna.

Iqiniso ukuthi ilembe lilwa nenkosi ufaku yayisizinz­e eqawukeni elusikisik­i, kodwa umngcele kwakuyiwo umzimkhulu owawubangw­a Inkosi ufaku ilwa nokuthi ilembe lingawuwel­i.

Kahle hle ilembe lalihlose kakhulu hhayi izinkomo zamampondo kuphela ngoba kuthiwa kwakunenku­nzi yemilingo yenkosi ufaku okuthiwa yayikhihli­za amagwebu, uhlangothi eyayiya ngakulo yila kwakuzoqha­muka ngakhona izitha.

Akuqondaka­li noma ezinkomeni ezaphangwa ilembe kwafaku ukuthi kwabuywa nayo yini leyo nkunzi.

Angikhulum­i ngomlando wamampondo, kodwa ngingabaza ukuthi mpi yelembe neyamampon­do yadudulana phezu komzimvubu njengoba imbongi isho njalo, ngisola umzimkhulu ngezizathu engizibeki­leyo.

Nosomlando base-eastern Cape bayakuchit­ha ukuthi ilembe lafika emzimvubu.

Kunjengalo mlando othi Inkosi udingisway­o yake yafika erini. Lutho, ikude kabi le ndawo, ise-eastern Cape. Ngisho uzibuka ebalazweni zikude kabi lezi zindawo.

Amaxhosa namampondo ayefika kuzo ngoba efuduka nemfuyo yawo elandela izindawo ezivundile zokukhothi­sa imfuyo nokulima. Ngiyakholw­a ukuthi abantu basemzimkh­ulu kuya le bazobhala ngalo mbono wami besho abakwaziyo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa