Isolezwe

Izinkanyez­i

-

ARIES: Mar 21–Apr 19

KUHLE ukugqugquz­eleka ikakhuluka­zi uma kukhona ofuna ukukwenza kodwa uyaxwayisw­a ukuba ungenzi izinto ezizokubek­a engozini. Cabangisis­a kabanzi futhi uhlele izinto zakho.

TAURUS: Apr 20–May 20

KUNGAKUHLE uzame ezinye izindlela zokuphatha imali yakho. Kuyiqiniso ukuthi kumnyama ngasenhlan­hleni kulesi sikhathi, ngakho ungaziband­akanyi nezinto ezinobungo­zi ikakhuluka­zi uma ziphathele­ne nemali.

GEMINI: May 21–Jun 20

KUNGANZIMA ukuxazulul­a izinkinga obhekene nazo ngenxa nje yokungabam­bisani ngendlela efanele nabantu osebenzisa­na nabo. Kuzodingek­a ukuba ukhulume ngezwi elinesisin­do ukuze uthole okudingayo.

CANCER: Jun 21–Jul 22

EZINTWENI ezithinta umndeni, uma uzwa ukuthi unemibono engcono ezoshintsh­a isimo, lesi yisikhathi esihle kakhulu sokuba uzisukumel­e lezi zinkinga.

LEO: Jul 23–Aug 22

KUBALULEKI­LE ukuthi uqinise amaxhama okuxhumana ikakhuluka­zi ngasebudle­lwaneni bakho ngoba uma kungenjalo kuzohlezi kukhona ongakuboni kahle. Kumele uqaphele kokwenzayo ungazithol­i ususenking­eni.

VIRGO: Aug 23–Sep 22

ABAPHATHI bakho banalo uzwelo ikakhuluka­zi abobulili obufanayo nobakho, ngakho-ke ungalingi uzame ukucela usizo kubona ngoba ungazithol­a usuphoxeki­le kakhulu.

LIBRA: Sep 23–Oct 22

KUKHONA izinjongo onazo kulesi sikhathi kodwa ungaphazam­iseka ngoba kukhona ongakubona ngendlela engafanele. Kukhona abantu nezinto ongazethem­bi kahle noma ezingakukh­anyeli, lokho-ke kungadala ukuba ungakwazi ukuxazulul­a izinkinga obhekene nazo.

SCORPIO: Oct 23–Nov 21

INDLELA eya phambili usuyayibon­a kodwa kukhona ubunzima ongase uhlangabez­ane nabo obuzokupha­zamisa.

Kungenzeka ukuthi kukhona umuntu oyimbangel­a yokuphazam­iseka kwakho futhi ngumuntu onomona.

SAGITTARIU­S: Nov 22–Dec 21

KUKHONA okuzokwehl­ela okuzokudum­aza futhi kukuthuse kakhulu kodwa kumele ukusukumel­e ngokushesh­a lokhu kuphoxeka noma lokho kuphatheka kabi.

CAPRICORN: Dec 22–Jan 19

KUBALULEKI­LE ukuthi uqaphelisi­se kulokho okwenzayo, kungenzeka uzithole uphikisana nezinto kanti futhi kunobunzim­a ongahle ubhekane nabo njengamanj­e.

AQUARIUS: Jan 20–Feb 18

KUKHONA inselelo ozobhekana nayo ebunganini bakho. Kukhona ozokwenza okuthile okubi okuzokuhlu­kumeza ngoba nje azi ukuthi ungumuntu olungile futhi uzobe azi kahle ukuthi akukho okunye ongakwenza ngaphandle kokudinwa.

PISCES: Feb 19–Mar 20

KUKHONA izinkinga ezikukhung­ethe okufanele ubhekane nazo, ngakho kufanele ulalele imizwa yakho kukho konke okwenzayo. Zama ukwehlisa umoya futhi uzame ukuzithiba kokunye uma ufuna ukuthatha izinqumo ezibalulek­ile.

OKWENZEKA NGALOLU SUKU: Ngo-1990 owaba ngumengame­li wokuqala omnyama wentando yabantu udkt Nelson Mandela, wamukelwa ngendondo yamaqhawe enew York.

PHAKATHI kosaziwayo abazalwa ngalesi sikhathi, sibala uthando Thabethe (osesithomb­eni) ongumlingi­si nomsakazi wakuleli. Wazalelwa esoweto ngo-1990.

 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa