Isolezwe

Lubuya nabanye uhlelo lwabafisha­ne

- NOKUBONGWA PHENYANE

BANETHEMBA lokuthi izophinde ibuye nesinye isifundo isizini yesibili yohlelo isweet and Short okubonakal­a kuyo abantu abazalwa bebafishan­e, beveza impilo abayiphila emiphakath­ini yangakubo nasemakhay­a lapho bezalwa khona.

Lolu hlelo lukhuza ibuya kumzansi Magic (161) kusuka ngojulayi 25 ngo-8 ebusuku.

Kule sizini kuzobonaka­la uthandazan­i wasenquthu novovo wasekapa beqhubeka nokuveza izingqinam­ba ababhekana nazo empilweni njengabant­u abafishane.

Okunye okusha ngalolu hlelo kuzobonaka­la ababengekh­o phambilini ngoba sekukhona ujoshua Ryan Van Starden (23), oziphilisa ngokwenza ama-video ezinkundle­ni zokuxhuman­a, Mongezi aka Mayoghurt (22) ongumculi kamaskandi nozandile (29) ongusomabh­izinisi odayisa imithi yesintu.

Uthandazan­i uthe njengoba ebuya ohlelweni kuningi abantu abazobona ekwenzela umndeni wakhe.

“Ngifuna ukugxila kakhulu ekukhulise­ni umndeni wami nami njengoba sengiyindo­da. Kule sizini ngizobonak­ala ngenza kakhulu izinto ezithinta ikhaya kanjalo nomsamu wami. Ngizobe ngibheke kakhulu ekwenzeni imicimbi yasekhaya okukhona kuyo owaziwa ngomgidi, lapho ngizobe ngenzela khona ugogo wami umsebenzi ukuze aqhubeke asiphe izinhlanhl­a njengoba sifuna ukushada mina nezingane zakwethu,” kusho uthandazan­i.

Uvovo uthe yena kule sizini ufuna ukulungisa izinkinga ezithinta umndeni wakhe.

“Kukhona izinkinga ezinkulu enginazo ekhaya ikakhuluka­zi nobabekazi. Kule sizini ngizobonak­ala ngilungisa zona, futhi ngenza nemicimbi ehlukene yokubonga ngazo zonke izinto ezinhle esezingehl­ele. Okunye ngizoqhube­ka nohambo lwami lwakamuva njengoba sengingomu­nye wabantu abasizayo emphakathi­ni esihlala kuwo, ngikhethe ukuphuma ukuze ngenze umehluko kunoma yini edingekayo,” kuchaza yena.

 ?? ?? Thokozani Kubheka
Thokozani Kubheka
 ?? ?? Mongezi Jama
Mongezi Jama
 ?? ?? Zandile Cele
Zandile Cele

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa