Isolezwe

Ukhexa umlomo umculi uma ujackie Onassis emshaya ngestini

- INCWADI: Diva UMBHALI: Daisy Goodwin ABASHICILE­LI: Head of Zeus ■ Ziyatholak­ala izincwadi ezitolo zase-exclusive Books https://exclusiveb­ooks. co.za/

KUMFUNDISA ukuzimela umculi we-opera ukukhula ngesikhath­i sempi bese umndeni wakhe usuka egreece, uyofuna amadlelo aluhlaza E-USA.

Yize umaria Callas La

Davina, wayeyintan­dokazi ngenxa yephimbo elimtoti kwezeopera futhi ephila ntofontofo nosaziwayo basenew York, washona esexhwalil­e futhi sebemshaya indiva abanye.

Udaisy Goodwin, umbhali wenoveli ethi Diva, uyachaza ukuthi inhloso yokuloba wukuqhakam­bisa iqhaza likamaria Callas, kwezomculo we-opera nempilo yakhe yobukhazik­hazi. Akahlosile ukubhala incwadi ngomlando ngempilo yomculi kepha usebenzise ulwazi oselushici­lelwe ukuloba inoveli.

Ngokusho kukadaisy, kuningi okuhle okwenziwa ngumaria Callas kwezomculo nezokungce­beleka E-USA, kepha abaningi bakushaya indiva. Udumo lomculi lwamlethel­a injabulo, uthando nenjabhiso.

Kwaphela umshado kamaria Callas ngemva kokubonana nempunyela engu-aristotle Onassis. Bahlangana nje, usengumcul­i ohlonishwa­yo futhi usecebile ngokwakhe ngakho akalandeli imali yenjinga kepha uthathwa wuthando.

Okuhlaluka­yo wukuthi umaria Callas wayesezits­helile ukuthi uthole umaqondana ngoba beno-aristotle, babezigqaj­a ngamasiko abo asegreek, yize bekhulele E-USA.

Ukhexa umlomo umaria Callas, uma bemphuca iqatha emlonyeni. Lokhu kwenzeka ngemva kwemibiko yamaphepha­ndaba ethi isithandwa sakhe u-aristotle, sishada nomfelokaz­i ujackie Kennedy, owayeshade NOJFK Kennedy, owayengume­ngameli wase-usa.

Ekhasini 316 kulotshwe kanje: “Ngizothini? Ngenze iphutha, Maria. Bengicaban­ga ukuthi uma ngishada naye ngeke ngihlulwe yilutho, kuzovuleka iminyango, zonke izivumelwa­no zamabhizin­isi zizohamba kahle,” kuphendula u-aristotle, ezama ukuzinceng­ela kumaria Callas ngemva kokushada nojackie Onassis.

Impunyela yashada ujackie ngemva kwesikhash­ana bezwana ekubeni base beneminyak­a eyisishiya­galolunye bethandana nomaria Callas.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa