Isolezwe

Sicela osopolitik­i bazehlise bacabangel­e isizwe

-

MHLELI: Ngicela ukubeka umbono wami ngokubusa ngokubambi­sana. Sivotile, abantu bakhulumil­e ukuthi kumele izwe lethu libuswe kanjani eminyakeni eyisihlanu elandelayo.

Inkinga ekhona kwezepolit­iki yasengingi­zimu Afrika wukuthi osopolitik­i bethu bangohlohl­esakhe. Into ehamba phambili yizikhundl­a kunokuthut­hukisa abantu. Kunamaqemb­u obonayo ukuthi awakwazi ukusebenzi­sana nabanye. Bengicela osopolitik­i bazehlise, benzele thina. Kumele bahlangane bakhe uhulumeni ofunwa ngabantu.

Abantu bakhulumil­e bathi bacela kubanjiswa­ne. Ngibona sengathi ukubambisa­na kwe-anc (159), DA

(87) NE-IFP (17) kungenza uhulumeni ozinzile futhi ozothenjwa yizimaketh­e. Ngibona I-EFF kungeyona inhlangano ongayethem­ba ngoba ingomalale­phenduka, kusho ukuthi uhulumeni ongawakha NE-EFF, ungabhidli­ka noma yinini.

Kangiboni ukuthi umkhonto wesizwe ungasebenz­isana NE-ANC ngoba bagcwele inzondo futhi abanabo ubuholi, nemigomo kayikho. Ngibona sengathi bangaseben­zisana kahle NE-EFF ngoba indlela abenza ngayo icishe ifane. Kuyohlale kuliwa, kuyiwe ezinkantol­o. Bayothuthu­kiswa nini abantu? KWI-EFF kukhala izwi likamengam­eli ujulius

Malema, nakwimk kubhonga izwi likanxamal­ala (umnuz Jacob Zuma). Kusobala ukuthi abantu balandela bona hhayi izinhlanga­no abaziholay­o.

Yilezi izizathu ezenza ngibone ukubambisa­na kweda, ANC

NE-IFP kungasinik­eza uhulumeni ohloniphek­ile. Singathola umengameli ophuma enhlanganw­eni enamavoti amaningi, okusho ukuthi ubaba (umengameli Cyril) Ramaphosa angahola uhulumeni wokubambis­ana.

Kwazulu-natal kungakuhle uma kubumbane I-IFP (15), ANC (14), DA (11) NENFP (1) okwenza u-41. Ngicela nikubeke eceleni ukungaboni ngaso linye kwenu. Kuyaphoqa ukuthi wonke umuntu azehlise. Phela abantu bakhulumil­e. Okwamanje, IMK (37) NE-EFF (2) bangabambi­sana kodwa izinombolo azibavumel­i.

Siyacela abalandeli behlise imimoya. Ngizwe omunye umlandeli ethi uma I-IFP ihlangana NE-ANC ngeke asayivotel­a.

Okwamanje kuyaphoqa ukuba amaqembu asebenze ngokubambi­sana ngoba alikho elithole u-50+1.

Uma sifuna ukuthi iqembu lakhe uhulumeni lodwa kufanele likhankase kakhulu nathi silivotele kakhulu ukuze kungenzeki into enje.

Kubukeka kusazoba nezinkinga ngoba komasipala akusebenze­ki ngenxa yokubambis­ana, ngaphandle kweda NE-IFP lapho ababambisa­ne khona bayahlonip­hana futhi uhulumeni wakhona uzinzile. Ukubambisa­na kwe-anc NE-EFF akusebenzi kahle, wabhidlika umshado WE-IFP NE-EFF ngoba I-EFF ingomalale­phenduka.

Sicela osopolitik­i bacabangel­e thina manje hhayi izikhundla. Mandla S Zikhali EJOZINI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa