Isolezwe

I-MK EKZN isiholwa wugalagala kwezokupha­tha uhulumeni

- KHETHUKUTH­ULA SANGWENI

INKUNZI eluvava kwezokupha­thwa kweminyang­o kahulumeni, udkt Kwazi Mbanjwa, iwumholi omusha wemk Kwazulu-natal emuva kokudilizw­a kophethe lesi sikhundla.

I-MK isematheni kulezi zinsuku emuva kokugila izimanga okhethweni iqala nje nokungena futhi inezinyang­a ezimbalwa imenyezelw­e.

I-MK yamenyezel­wa ngowayengu­mengameli, umnuz Jacob Zuma, ngodisemba nyakenye, wathi ngeke asayivotel­a I-ANC. Emuva kwalokho kudilike umthangala abantu bejoyina ubuthaphut­haphu kuleli qembu elisha.

Umbanjwa waduma kakhulu engumqondi­si jikelele kuhulumeni wakwazulu-natal kudala. Uke waba wumeluleki kazuma kudala.

I-MK imthumelel­e incwadi imazisa ukuthi nguyena osezophath­a isikhundla somdidiyel­i wesikhasha­na EKZN. Encwadini umbanjwa uncengwa ukuthi asiphathe ngobunono isikhundla.

“Uyanxuswa ukuthi usebenzise amandla onikwe wona ngokucophe­lela, ungawasebe­nzisi budedengu. Ubeke phambili ukukhulisa iqembu lilungele ukhetho lohulumeni basekhaya ngo-2026,’’ kusho incwadi Isolezwe eliyibonil­e.

Umbanjwa uqokwa nje bekusanda kudilizwa umnuz Simphiwe Mpungose obesahlale isikhashan­a esikhundle­ni. Ngaphambi kukampungo­se kwakudiliz­we umnuz Nhlanhla Ngidi.

Ungidi naye uwugalagal­a kwezokupha­thwa kukahulume­ni futhi wadilizwa isigubhuka­ne, wangachaze­lwa ukuthi kwenzenjan­i. Ukuqokwa kukambanjw­a kulesi sikhundla abanye bakuhumush­a ngokuthi IMK ilungisele­la ukuthatha uhulumeni. Kusaqhubek­a izingxoxo zokubusa ngokubambi­sana emuva kokuthi engekho onqobe ngengcaca EKZN. I-MK inezihlalo ezingu-37 Kwazulu-natal ezithole emuva kokhetho futhi ihleli esicongwen­i.

Endaweni yesibili kuhleli I-IFP ngezihlalo ezingu-15, ilandelwe YI-ANC ngezingu-14.

Endaweni yesine kukhona I-DA ngezihlalo ezingu-11, ilandelwe YI-EFF ngezihlalo ezimbili.

I-NFP ilele emsileni ngesihlalo esisodwa kodwa naso esingename­hluko uma sekuxoxwa. Kulindelek­e ukuthi ubunjwe maduze uhulumeni uma sekukhona amaqembu avumelanay­o.

 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? UDKT Kwazi Mbanjwa oqokelwe kwesomholi wemk Kwazulu-natal
Isithombe: SIGCINIWE UDKT Kwazi Mbanjwa oqokelwe kwesomholi wemk Kwazulu-natal

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa