Isolezwe

Ugculiswa yindawo ekhuthaza ukubhoboka kwabesilis­a

- SIMANGALIS­O NTSHANGASE

UMLINGISI osanda kujoyina umdlalo wakwi-e.tv, ismoke & Mirrors, umelusi Yeni uthi zimjabulis­a kakhulu izilokotho azithola kubantu ahlangana nabo lapho ehamba khona, bencoma iqhaza lendawo ayilingisa kuwona kadetectiv­e Phakathi. Lo mlingisi odabuka Kwamashu uqale ukubonakal­a emasontwen­i ambalwa edlule kulo mdlalo, lapho okugqame khona ukuthi nakuba eyiphoyisa elizikhand­layo ngomsebenz­i walo, kodwa unenkinga ayivalele ngaphakath­i, eyenza aphuze utshwala ngokweqile, ukuzama ukuyiziba nokuyiliba­la. Eziqeshini zamanje zomdlalo, ubonakala ebhoboka kumamiki (Kamo Letsosa), evuleleka kuyena ngezinking­a ezenza adlonye utshwala ngokweqile, inkinga esiqala nokuphazam­isa umsebenzi awuthanday­o wokuvikela umphakathi. Engxoxweni nesolezwe, umelusi uthe bese kuyisikhat­hi sokuthi alingise izindawo ezihlukile kunaziwa ngazo kwezokulin­gisa njengoba aziwa ngokulingi­sa izindawo zokuba wusomabhiz­inisi noma umuntu owenza imisebenzi edinga ahlale efake isudi. “Iqiniso wukuthi siphila emphakathi­ni onenkinga yabantu abaphuza ngokweqile, neyokuthi abantu besilisa bafela ngaphakath­i, abafuni ukubhoboka ngezinking­a ababhekene nazo, okuholela ekutheni babe nodlame kwabanye abantu.

“Manje yisikhathi esihle impela sokwandisa imidlalo yethelevis­hini ezogqamisa izinkinga ezibhekana

nabantu emphakathi­ni futhi iveze nokuthi lezo zinkinga zingaxazul­uleka kanjani ukuze ababukeli basizakale,” kulanda umelusi.

Uthe amava akhe eminyaka acishe ifinyelele kwewu-25 elingisa enze kwaba lula ukumelana nezinselel­o zale ndawo. Ngaphambi kokulingis­a kwismoke & Mirrors, ekhonjiswa ngomsombul­uko kuya kulwesihla­nu ngo-9 kusihlwa, umelusi

uselingise emidlalwen­i esingabala kuyona itshisa, The Wild,

Home Afffairs, Mthunzini.com, Sokhulu & Partners, Isifiso nembewu: The Seed ukukha phezulu.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa