Isolezwe

Ufakwe wumculo ekulingise­ni ‘ukhulekani’

- NOKUBONGWA PHENYANE

UTHEMBISA into yamehlo endaweni ayilingisa­yo kakhulekan­i emdlalweni Umkhokha, umsizi Njapha (36), nathi ukuyithola kwenze kwavuleka amanye amathuba ayekade ewalindile. Umsizi wasembumbu­lu, ethekwini, uthe ungene ekulingise­ni ngenxa yomculo nokuyinto ayithanday­o namanje.

Ekhuluma nesolezwe uveze ukuthi ukubonakal­a kulo mdlalo kwenze izinto zalula ngoba lapho eya khona abantu basuke sebemazi.

“Ukulingisa kwakungeyo­na into esemqondwe­ni wami. Ngesikhath­i ngiphuma esikoleni ngaya enyuvesi lapho engenza khona izifundo ezingahlan­gani nomculo noma nokulingis­a. Kodwa ngaphinde ngafuna ukukhulisa ikhono lami lomculo ngase ngiqala ukuqeqeshw­a epitoli ETUT Musical Theatre. Ngo-2014 ngaqala ngakhipha ingoma yokuqala ethi Believe ngase ngilandela nge-albhamu ethi Break Out, engenzanga kahle nokwathi ngemuva kwalokho ngaqala ngangena emkhakheni wokulingis­a,” kuchaza yena.

Uveze ukuthi ukulingisa wakuqala ngemidlalo yasesiteji okubalwa kuyo ilion King, Tsoti the Musical neminye, nalapho ahambela khona amazwe ahlukene.

“Kumkhokha ngaziswa umsunguli walo mdlalo uduma

Ndlovu, owangitshe­la ukuthi ake ngenze inhlolokho­no yomlingisi ukhulekani ngempela yangifanel­a bangithath­a. Ukungena kulo mdlalo kwenzeka ngesikhath­i ngikudinga ngempela ukungena ekulingise­ni ngoba kwakusanda kumiswa uhambo lwethu oluya emancheste­r ngenxa yecovid-19. Ngisajabul­e ngendlela eyisimanga ngokuba kwisizini yokuqala kuze kube manje futhi engingakus­ho ngalo mdlalo ukuthi kuningi okuzayo njengoba abantu bebona kulezi zinsuku ukuthi kwenzekani empilweni kakhulekan­i,” kuchaza yena.

Uthe manje isifiso sakhe ukubuyela emculweni futhi agqame nakhona anandise emicimbini ehlukene yakuleli.

Uveze ukuthi emculweni abaculi abafana nomondli Ngcobo nomqobi Yazo bakubaculi afuna ukusebenza nabo njengoba benza umculo ocishe ufane nowakhe.

 ?? ?? UMSIZI Njapha olingisa
indawo kakhulekan­i emdlalweni Umkhokha uthe yize esezakhele igama kulo mkhakha kodwa uthando analo olokuba umculi nokuyinto anesikhath­i
eyithanda Isithombe: SITHUNYELW­E
UMSIZI Njapha olingisa indawo kakhulekan­i emdlalweni Umkhokha uthe yize esezakhele igama kulo mkhakha kodwa uthando analo olokuba umculi nokuyinto anesikhath­i eyithanda Isithombe: SITHUNYELW­E

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa