Isolezwe

Imaxed Elite izogadla ngowaserus­sia kowecomrad­es

- SITHEMBISO MKHIZE

IMAXED Elite Running Club, isayinise umpetha wecomrades Marathon, yango2022, u-alexandre Morozova waserussia. Inhloso yayo ukuqeda ishobolo lokuhlulek­a ukunqoba lo mjaho ohlonishwa umhlaba wonke.

Izindaba zidalulelw­e Isolezwe, ngumartin Ngwenya oyimenenja yekilabhu.

Ungwenya uthe inhloso ngesinqumo sabo ukuqinisa amathuba okunqoba umjaho kulo nyaka njengeqemb­u. Ngesonto umjaho uzoqala ecity Hall, ethekwini, uphele escottvill­e Racecourse, emgungundl­ovu. Isibhamu sizoqhuma ngo-5.30 ekuseni.

“Kuyintokoz­o kwimaxed

Elite ukujoyinwa ngu-alexandra. Simsayinis­ele icomrades kuphela. Ungumsubat­hi wezinga eliphezulu futhi sikholelwa ekutheni uzozibuyis­a izinsuku zenjabulo ngokunqoba icomrades. Sichazwe kakhulu yizikhathi azenza ngo-2017, nango-2019, kwenyukwa.

Kubona bobubili ubulili sibheke izindondo zegolide ezintathu kuya phezulu,” kubeka ungwenya.

Uqhube wadalula ukuthi ikhempu yabo ibise-underburg, iqale ngo-ephreli. Uthe bazomelwa abasubathi abangu-10 kanti bayisishiy­agalombili abesilisa, babili abesimame.

Ngesikhahi kwehliwa ngo2022, u-alexandra wanqoba ngesikhath­i esiwu-6:17.48. Ngo-2017 kunyukwa, waphuma isibili (6:31.45). Ngo-2018 waqeda endaweni yesithathu (6:20.21). Emjahweni ka-2019 waphinda sona isibili (6:17.40).

Ngo-2019 kwabesifaz­ane, ugerda Steyn waphula irekhodi (5:58.53). Kwabesilis­a kwakhonya u-edward Mothibi (5:31.33). Nanyakenye ugerda ogijimela iphantane AC, uphinde esifanayo ephula irekhodi (5.44.54).

Ngo-2023 kwabesilis­a, liphulwe ngutete Dijana (5:13.58) owanqoba nango-2022. Kuyona yomibili iminyaka umjaho wawuqala emgungundl­ovu, uphela ethekwini.

Imaxed Elite yagcina ukunqoba icomrades ngo-2012, iwezwa nguclaude Mashiywa owashaya intambo ngesikhath­i esiwu-5:31.03. Kwabesimam­e kwagcina ngamawele aserussia, u-elena no-olesya Nurgalieva.

Ngo-2013, u-elena wanqoba ngesiwu-6:29.09. Wawudla amahlandla ayisishiya­galolunye umjaho. Udadewabo u-olesya, wawunqoba kabili ngo-2007, nango-2009. Abanye abazomela imaxed Elite kulo nyaka ngoteboho Sello, Maphephe

Peete, Teboho Noosi, Charles Tjiane, Litlhokoa Khoete, Lebelo Mopenyane nolebenya Nkonka.

Njengoba kwenyukwa, abesilisa bazobe belwa nokuphula irekhodi likaleonid Shvetsov waserussia, lika-5:24.39 alishaya ngo-2008.

Njengokwej­wayelekile, icomrades izokwendla­lelwa wumjaho IKZN Youth Run ka-5km, no-10km ozoqala, uphele ekings Park Rugby Stadium, ethekwini, ngomgqibel­o ngo-7 ekuseni. Lo mjaho uhlelwe wumnyango wezemidlal­o, ubuciko namasiko ngokubambi­sana NEKZN Athletics ngokwesekw­a wumasipala wetheku nomnyango wezemfundo Kwazulu-natal.

 ?? ?? UMSUBATHI werussia, u-alexandra Morozova, ngesonto uzothwala amathemba okubuyisa injabulo kwimaxed Elite Running Club, ngokugijim­a kowecomrad­es Marathon Isithombe: BACKPAGEPI­X
UMSUBATHI werussia, u-alexandra Morozova, ngesonto uzothwala amathemba okubuyisa injabulo kwimaxed Elite Running Club, ngokugijim­a kowecomrad­es Marathon Isithombe: BACKPAGEPI­X

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa