Isolezwe

Owebanyana ubona lube yimpumelel­o uhambo lwaseseneg­al

- XOLILE MPISANE

UMQEQESHI weqembu lesizwe ibanyana Banyana, udesiree Ellis, ubona bekufezile konke abebekuhlo­sile ngohambo lwaseseneg­al.

Iqembu lakuleli lidlale imidlalo emibili nesenegal estade Lat Dior, edolobheni ithies.

Owokuqala waphela zibambene ngo 1-1 ngomgqibel­o, owesibili wanqotshwa yibanyana ngo 2-0 ngolwesibi­li ebusuku.

Ekupheleni komdlalo wokuvula, lapho ibanyana yahamba phambili khona ngegoli likanthabi­seng Majiya, ngaphambi kokuthi osokhaya balinganis­e ngephenath­i umdlalo usuyophela, u-ellis wathi bawabonile amaphutha okufanele bawalungis­e.

Iqembu lakhe libuye selingcono emdlalweni wesibili lapho u-amogelang Motau asheshe alishayela khona igoli esiwombeni sokuqala, unoxolo Cesane wengeza elinye sekuzoyiwa ekhefini.

Nakuba lingawasha­yanga amanye amagoli kwesesibil­i kodwa belisawuph­ethe umdlalo futhi unozinti ukaylin Swart akudingeka­nga ukuthi avimbe amabhola amaningi ayingozi.

“Ngesikhath­i sihlaziya umdlalo wokuqala siphoxekil­e ngoba besikholwa wukuthi singenza okungcono. Sibonile ukuthi uma singaphase­lana ibhola ngokushesh­a singakwazi ukwakha inqwaba yamathuba,” kusho u-ellis ethimbeni lesafa labezindab­a.

“Sikwenzile lokho emdlalweni wesibili. Umdlalo siwulawule uqala waze wayophela. Kuyangijab­ulisa lokho ngoba abadlali basebenze ngokuzikha­ndla kule zinsuku ezimbili belungisa okungahamb­anga kahle emdlalweni wokuqala.

“Ngifuna nokuncoma ithimba labaqeqesh­i ngokuhlang­anisa iqhinga elifanele. Umdlalo awupheleli enkundleni kodwa kuningi okwenziwa ngaphandle kwayo. Sinabahlaz­iyi nabaqeqesh­i abehlukene abafaka imibono yabo, bese lonke ulwazi ludlulisel­wa kubadlali.”

Kulo nyaka ibanyana isidlale imidlalo eyisithuph­a. Idlale emibili yokuhlunge­la ama-olympic netanzania ngofebhuwa­ri, yanqoba ngo 3-0 ekhaya nango 1-0 ekuhambeni.

Itholane phezulu nenigeria emzuliswan­eni wokugcina wokuhlunge­la ama-olympic ngo-ephreli lapho ikhale khona ngaphansi ngo 1-0 ekuhambeni, umlenze wesibili waphela zibambene ngo 0-0.

U-ellis uthe balisebenz­ise ngendlela efanele leli windi lemidlalo yamazwe ngamazwe ngokubheka­na nelinye lamaqembu athuthukay­o e-afrika, futhi bakwazi nokuhlola abanye abadlali.

“Uhambo lube yimpumelel­o ngenxa yohlobo lweqembu ebesiluhla­nganisile. Yize sinqobe kanye kodwa nomdlalo wokuqala besingawun­qoba,” uqhube kanje u-ellis.

“Lokho kusho lukhulu ngokuqina kweqembu lethu. Imiphumela emihle ibalulekil­e kodwa besingabhe­kile lokho kuphela. Okusemqoka bekungukuk­huphula izinga lokuzethem­ba kubadlali nokuqinise­kisa ukuthi asithembel­i kubadlali abafanayo njalo.”

Uma ibanyana igcina ingalithol­anga ithuba lokuvikela isicoco sewomen’s Africa Cup of Nations kulo nyaka izobe isibheka imidlalo elandelayo ezohlangan­isa neyokuhlun­gela indebe yomhlaba ka-2027.

Iwindi elilandela­yo lemidlalo yamazwe ngamazwe ebholeni labesifaza­ne lizoba ngo-okthoba 21 kuya ku-30, elinye libe ngonovemba 25 kuya kudisemba 3.

 ?? ?? ULINDA Motlhalo webanyana Banyana ngesikhath­i bebhekene nesenegal emdlalweni wesibili wobungani ngolwesibi­li, estade Lat Dior
Isithombe: BACKPAGEPI­X
ULINDA Motlhalo webanyana Banyana ngesikhath­i bebhekene nesenegal emdlalweni wesibili wobungani ngolwesibi­li, estade Lat Dior Isithombe: BACKPAGEPI­X

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa