Isolezwe

Amazulu elule inkontilek­a yomgadli omqoka

- ZAKHELE XABA

AMAZULU ayelule ngeminyaka emibili inkontilek­a yomgadli, ujunior Dion, owashayele amagoli amqoka ngesizini ka-2023/2024.

Udion, wase-ivory Coast, ujoyine Usuthu ekuqaleni kuka2023 esuka kwimarumo Gallants egcine igawulwe yizembe kwidstv Premiershi­p. Ngesizini edlule udion ushayele Amazulu amagoli ayisishiya­galolunye emidlalwen­i engu-26 ayidlalile emiqhudelw­aneni eyahlukene.

Kula magoli kukhona namathathu awashaye ngesikhath­i bekhipha ilamontvil­le Golden Arrows emqhudelwa­neni icarling Knockout. Inkontilek­a kadion nosuthu iyaphela ekupheleni kwenyanga. Nokho leli phephandab­a lithole ukuthi isiyelulwe ngeminyaka emibili.

“Inkontilek­a kadion namazulu kade iphela kodwa iqembu lasebenzis­a umbandela wokuyelula ngeminyaka emibili. Udion usajabule ngokuba kumazulu futhi usabheke ukuqhubeka nokusebenz­a ngokuzikha­ndla ngesizini ezayo. Iqembu nalo lisamdinga ukuthi aqhubeke kulona,” kusho umthombo.

Udion ubanga indawo nomgadli wasenigeri­a, u-augustine Kwem, oshaye amagoli ayisishiya­galombili emiqhudelw­aneni ehlukene novictor Letsoalo okuphele isizini edlule esezitamuz­ela isikimu kumazulu.

Amazulu kusabalele ukuthi azodedela abanye abadlali ngenhloso yokuvulela izikhala abanye abazosayin­a. Kubadlali okuthiwa bangase balifulath­ele leli qembu kukhona nopule Ekstein ophelelwa yinkontile­ka. Kwasebeham­bile kukhona umdlali wasemuva, uveluyeke Zulu, obengasith­oli isikimu ngaphansi komqeqeshi, upablo Franco Martin, wasespain.

Amazulu aqede isizini esendaweni ka-11 kwi-log yedstv Premiershi­p ngamaphuzu angu-36 emidlalwen­i engu-30. Lokhu kusho ukuthi luzoyizwa ngendaba eyomqhudel­wano IMTN8 eyithuba lokuqala lokuwina indebe kwipremier­ship.

Okhulumela Amazulu, uphilani Ndlela, uthe akukho asakutshel­we ngabaphath­i mayelana nabadlali abahambile nabanikwe izinkontil­eka ezintsha. Abadlali bosuthu kulindelek­e ukuthi babuye ngojuni 24 ukuzoqala amalungise­lelo esizini entsha. Leli qembu lizozicije­la ukuqala kwesizini ka-2024/2025 ngomqhudel­wano wepremiers Cup neprince Mangosuthu Legacy Cup.

 ?? ?? UMGADLI wamazulu, ujunior Dion, okuvela ukuthi usazohlala amanye amasizini amabili kuleli qembu kulandela ukwelulwa kwenkontil­eka yakhe
Isithombe: BACKPAGEPI­X
UMGADLI wamazulu, ujunior Dion, okuvela ukuthi usazohlala amanye amasizini amabili kuleli qembu kulandela ukwelulwa kwenkontil­eka yakhe Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa