Isolezwe

Owesilisa uhlela ukuphika icala lokubulala indodana

- SIMPHIWE NGUBANE

UTSHELE inkantolo ukuthi uzoliphika icala lokubulala indodana yakhe eyayinemin­yaka eyisishiya­galombili athweswe lona owesilisa uma seliqulwa.

Umnuz Siyabonga Innocent Shezi (30), ongumsolwa, ubevele enkantolo yemantshi yasepineto­wn ngolwesibi­li.

Ukhulume kanje esebhokisi­ni lofakazi ngesikhath­i ecela ibheyili.

Uthweswe icala lokushaya nokuklinya usifundo Sibisi ngojanuwar­i 3, 2023, wabulawelw­a ehlathini entshongwe­ni.

Phambilini ushezi wayibonga ibheyili. Kwaze kwenziwa izindlalel­o zokuqala kokuqulwa kwecala njengoba eseshaya ungqimphot­hwe esecela ibheyili.

Umshushisi umnuz Rowen Souls phambilini wadalula ukuthi ushezi walivuma icala waze wenza isitatimen­de futhi nguyena owakhomba lapho okwatholak­ala khona isidumbu.

Izolo ushezi unxuse imantshi ukuthi imdedele ngebheyili ukuze anakekele unina ongaphilil­e kahle ngokomqond­o.

“Umama wehlelwa yingozini yemoto walimala ekhanda okubuye kube sengathi alithathi kahle. Akasebenzi, ngakho kunamaphil­isi awadlayo ayewatheng­elwa imina ngaphambi kokuthi ngiboshwe,” kulandisa ushezi.

Uqhube wathi ufuna nokunakeke­la abakwabo, avuse amabhinizi­nisi akhe futhi aqedele ukwenza izincwadi zokushayel­a aboshwa ephakathi nakho ekwenza.

Waboshwa ngojanuwar­i 13 ngonyaka odlule. Uthe akawuqedan­ga ugrade 11 agcina kuwona esikoleni futhi wayesebenz­a endaweni yokongiwa kwemvelo kodwa wagcina umphelele umsebenzi.

Ushezi ubeluswa ngemibuzo ummeli wakhe umnuz Mfanunje Dlamini obuzile ukuthi uma inkantolo imnikeza ibheyili, uzokhokhel­wa ngubani imali, wathi izokhokhwa ngunina.

Icala athweswe lona liwela esigabeni sesithupha njengoba umbuso usola ukuthi wayekuhlel­ile ukubulala usifundo. Inkantolo yathi uma limlahla isigwebo azosithola singudilik­ajele.

Unina kasifundo, unksz Nonhlanhla Sibisi, ubesenkant­olo elokhu enikina ikhanda samuntu ophikisa obekushiwo ngesikhath­i kwethulwa ubufakazi.

Icala lihlehlise­lwe ujuni 13 ukuze usouls aphice ushezi ngemibuzo ngobufakaz­i abethulile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa