Isolezwe

Ngabe ithini imigomo elawula abasakazi nezepoliti­ki?

- Ntokozo Ndabezitha ETHEKWINI

MHLELI: Iningizimu Afrika, yizwe elikhulule­kile futhi umbuso wentando yabantu uyasebenza.

Lokho sikubone okhethweni ngeledlule. Wonke umuntu weseka inhlangano yepolitiki ayithanday­o futhi uvumelekil­e ukubeka umbono ngokulawul­wa kwezwe.

Kepha, lapho engidideka khona isezindawe­ni esithola kuzona iphalishi lezingane zethu. Kwamlungu phela! Nginesiqin­iseko sokuthi ikhona imigomo nemithetho elawula abasebenzi.

Angihlale odabeni, umsakazo ukhozi FM, umise abasakazi ababili ngenxa yokuziband­akanya kwabo esidlangal­eni namaqembu ezepolitik­i. Lapha sikhuluma ngezilomo zabasakazi.

Ngakolunye uhlangothi, umsakazi igagasi FM ongaconsi phansi kubalaleli waphumela obala ngokuthi uhamba naliphi iqembu lezepoliti­ki. Akafihlang­a!

Ngesikhath­i kuvotwa ngolwesith­athu olwedlule, wenza i-video ngesikhath­i esesikhung­weni sokuvota eyidlubhe yaphelela imifaniswa­no yeqembu alizwa ngaphakath­i. Wayeqinise­kisa ukuthi impela ulivotele leli qembu.

Kanti ithini imigomo nemithetho yegagasi FM elawula abasebenzi balo?

Lo msakazi akazibekil­e phansi ezinkundle­ni zokuxhuman­a ukhankasel­a iqembu elibukeka limandla Kwazulu-natal.

Yebo, siyavuma abasakazi bangabantu nabo futhi banelungel­o lokweseka noma yiliphi iqembu abalithand­ayo. Kepha basakazela wonke umuntu futhi kungakuhle ukuthi bawuhlonip­he nomsebenzi wabo.

Kungenzeka­ni uma intatheli yaleli phephandab­a edumile ingase ithumele i-video ezinkundle­ni zokuxhuman­a, itshengisa ukuthi yeseka liphi iqembu lezepoliti­ki, ize idlubhe nemifanisw­ano?

Ngabe kawukho umthetho obekiwe laphaya kwigagasi

FM, olawula abasebenzi balo nokuziphat­ha kwabo kwezepolit­iki?

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa