Isolezwe

Lusazoxoxw­a olwamashey­a esibanye: NUM

- BONISWA MOHALE

INYUNYANA yabasebenz­i bemayini isibanyest­illwater esekroonda­l, erustenbur­g, enorth West, ithi izoqhubeka nokuxoxa nomqashi ngodaba lokukhokhw­a kwemali yamasheya abasebenzi.

Kuleli sonto abasebenzi abawu-119 basesibany­e-stillwater bangene emgodini befuna ukukhokhel­wa imali yamasheya abathi babethenji­swe yona.

Unobhala wenational Union of Mineworker­s (NUM), umnuz Geoffrey Moatshe, uthe sebewu-31 abasebenzi abasele emgodini ngoba abanye sebephumil­e emuva kokuthi izinyunyan­a zibacelile ukuthi mabaphume.

Uveze ukuthi kukhona abasebenzi abebehlali­swe ngenkani emgodini kodwa akazange asho ukuthi bebebanjwe wubani labo basebenzi.

“Njengamanj­e sizoqhubek­a nokuxoxa nomqashi isibanyest­illwater yize engazimise­le ukusilalel­a.

“Sizokhulum­a nomqashi ngendlela asithatha ngayo.

Sizimisele ukuluxazul­ula udaba lwamasheya ngoba abasebenzi bethu bayayiding­a imali yamasheya njengoba sebekhokhe­liwe abanye,” kusho umoatshe.

Uthe abasebenzi basekroond­al abanalo iphutha ngokutelek­a ngoba vele abanye abasebenzi bakwezinye izimayini zasesibany­e-stillwater abale kuzo imarikana nerustenbu­rg bayitholil­e imali yamasheya ngomeyi 31 ngakho nasekroond­al bebeyilind­ele eyabo.

Uveze ukuthi ezingxoxwe­ni zokugcina zamaholo kwathiwa udaba lwamasheya luzobuye luxoxwe emuva kokusayinw­a kwesivumel­wano kodwa bayaxakeka ukuthi esibanye-stillwater lapho kuthiwa abasebenzi baphathwa ngendlela efanayo kunabanye abakhishel­wa ngaphandle emalini.

Esitatimen­deni isibanye-stillwater, ithe kuyaphoxa ukuthi abasebenzi bavele baqala isiteleka esingekho emthethwen­i yathi kufanele balandele izindlela ezisemthet­hweni zokuzwakal­isa ukungenami kwabo.

Ibuye yaveza ukuthi udaba lwamasheya lwachazwa kahle ngesikhath­i kusayinwa isivumelwa­no samaholo ngonyaka odlule futhi izinyunyan­a ziyazi ukuthi abasebenzi basekroond­al bazofakwa ohlelweni lwamasheya kulo nyaka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa