Isolezwe

Wayebasela isikweleti ‘owafela ukuncika emotweni’

- SIMPHIWE NGUBANE

UFAKAZI, owayehamba nephoyisa elithweswe icala lokubulala, utshele inkantolo ukuthi ingxabano yasuswa ukuthi umufi wayencike emotweni kammangale­lwa.

Umnuz Mandla Dlamini, ongufakazi wombuso, ubekade ethula ubufakazi enkantolo yemantshi yasepineto­wn izolo.

Ubefakaza ecaleni elithweswe usergeant Sibonelo Christophe­r Shabangu, ongaphandl­e ngebheyili kar5 000.

Ushabangu usolwa ngokudubul­a ngesibhamu somsebenzi abulale uqaphela Mdima. Isehlo senzeka ebusuku ngonovemba 25, 2022 ngaphandle kwendawo yobumnandi, icasa Blanca, emolweni.

Udlamini, obekade eluswa ngemibuzo umshushisi, umnuz Rowen Souls, uthe wafika kuleya ndawo ngabo-11 ezothenga utshwala. Uthe wayehamba nommangale­lwa ngemoto yakhe nomunye wesilisa ambize ngomnuz Nkosi Nkomo.

“Safika sizothenga ubhiya kwaphuma mina kuqala emotweni ngangena ecasa Blanca. Ngafica uqaphela engangikad­e ngimkwelet­a imali. Kwathi uma eyifuna, ngamtshela ukuthi simukwelet­a nonkosi osemnyango. Wathi asiye kuyena,” kulandisa udlamini othe wayedakwe emanzi.

Sebengapha­ndle, udlamini uthe kwaba nengxoxo phakathi kwakhe, umufi nonkosi.

Kuthiwa laba ababili babekade bekweleta umufi ur200 abawuthath­a ngesonto elingapham­bi kokwenzeka ngalo isigameko. Umuntu emunye wayezokhok­ha ur100 kodwa umufi kuthiwa wathi isizele le mali umuntu emunye usezokhokh­a ur150.

Udlamini uthe kulowo mzuzu wayalwela ushabangu owayemi eceleni, ukuthi atshele umufi anganciki emotweni yakhe, akasuse isandla sakhe.

“Kwaba nokuphikis­ana ngamazwi phakathi kukammanga­lelwa nomufi okwaphendu­ka kwaba ingxabano kodwa ngabakhuza ngoba sasingazit­sheli ukuthi kuzoba yinto enkulu.

“Kwathi lapho sengisukil­e eduzane kukankosi noqaphela, sengiyobol­eka imali engangiyik­weleta ukuze ngikhokhe, ngezwa umsindo wokuqhuma kwesibhamu amahlandla amaningi,” kusho udlamini ethi akabonanga ukuthi wadutshulw­a kanjani umufi.

Udlamini uthe wavele walala phansi, kwathi sekumile ukuqhuma kwesibhamu wasukuma. Uthe yilapho abona khona umufi eselele phansi. Uthe akayanga emtholampi­lo okwaphuthu­nyiselwa khona umufi ngoba kwase kuduma ikhanda. Ulandise inkantolo wathi unkosi noshabangu babengasek­ho, akabazi ukuthi base beyephi.

Ebuzwa ngobufakaz­i obethulwa enkantolo ngumnuz Ayanda Ngcobo, bokuthi ushabangu walahla phansi isibhamu wabaleka, abantu basala bebangisan­a ngaso, uthe akakubonan­ga lokho futhi kuningi angasakukh­umbuli kahle ngoba wayedakwe wutshwala.

Udlamini uphikile ukuthi ungumngani kashabangu kodwa babekade bephuza ndawonye njengabafa­na bangandawo­nye emolweni.

Umbuso uphothule uhlelo lwawo lokubiza ofakazi. Icala lihlehlise­lwe ujuni 25 ukuze ushabangu agibele ebhokisini lofakazi ethule obakhe.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa