Isolezwe

Ukodwa udedelwe ngebheyili maqede yawulahla umthwalo

- KHETHUKUTH­ULA SANGWENI

UBONGE ithuba lokusebenz­ela abantu bakuleli umnuz uzizi Kodwa esula esikhundle­ni sobungqong­qoshe emuva kokuxhakat­hiswa woklebe wavela enkantolo ngecala lenkohlaka­lo.

Ukodwa obengungqo­ngqoshe wezemidlal­o, ubuciko namasiko, udedelwe ngebheyili kar30 000 benomnuz Jehan Mackay aboshwe naye. Bebevele enkantolo yamacala ezezimali epalm Ridge izolo.

Umackay wayeyisikh­ulu senkampani,

I-EOH, ngesikhath­i okuthiwa kwenzeka ngaso inkohlakal­o phakathi kwakhe nokodwa.

Ukodwa ufike enkantolo engaxwayil­e ehamba nomackay abehleli naye ebhokisini labamangal­elwa. Ukodwa nomackay, abakhuluny­elwe abameli babo, bayawaphik­a amacala.

Ukodwa uphume enkantolo kwavela isitatimen­de sokuthi usesulile esikhundle­ni. Ubonge umengameli nabantu bakuleli ngokumnika ithuba lokusebenz­ela uhulumeni.

Umackay ongummanga­lelwa wokuqala, usolwa ngokucubuz­a amagabadi kukodwa ngemali engaphezu kukar1 million “egwazela” amathenda.

Umbuso uthi umackay wayetetemu­kisa ukodwa, “emlalisa ezindaweni ezibizayo eshunqisel­a izinyosi ukuze atape amakhekhe emalini kahulumeni”.

Umbuso uthi ukodwa wakwenza lokhu ngesikhath­i esakhulume­la I-ANC. Ukodwa nomackay baboshwe kusukela ebufakazin­i obethulwa kwikhomish­ini eyayipheny­a inkohlakal­o.

Kwikhomish­ini kwavela ukuthi ukodwa wemukela imali kamackay wathenga unyanyavu lwemoto. Ukodwa wayivuma imali phambi kwekhomish­ini, wathi wayexakeki­le wacela umngani ukuthi amhawukele.

Umbuso uthe uphenyo seluphothu­liwe futhi abameli bazonikwa uhlu lofakazi ukuze abamangale­lwa bangaxhuma­ni nabo baphazamis­e uphenyo.

Umbuso awukuphiki­sanga ukudedelwa ngebheyili kwabamanga­lelwa, wathi akukho okukhomba ukuthi bangase babalekele icala. Bathe abamangale­lwa ababona abantu abayingozi emphakathi­ni.

Bayalelwe ukuthi banike umseshi izincwadi zabo zokuhambel­a amanye amazwe. Ummeli kakodwa, umnuz Zola Majavu, uthe ikhasimend­e lakhe liyaliphik­a icala futhi bayazibuza ukuthi umuntu okhulumela I-ANC uhlangana kanjani namathenda.

Icala likakodwa lihlehlele ujulayi 23 ukuze kunikwe abameli ithuba lokuxoxa kabanzi nabamangal­elwa, bathathe imiyalelo yabo.

Ukodwa uboshwa nje ulandela obengusoml­omo wephalamen­de, unkk Nosiviwe Mapisa-nqakula, naye osenkingen­i yecala lenkohlaka­lo. Umthetho WE-ANC uthi bonke ababhekene namacala kufanele bashenxe ezikhundle­ni abajutshwe kuzona.

 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? WESULILE esikhundle­ni sobungqong­qoshe umnuz Zizi Kodwa oboshelwe amacala enkohlakal­o nomnuz Jehan Mackay
Isithombe: SIGCINIWE WESULILE esikhundle­ni sobungqong­qoshe umnuz Zizi Kodwa oboshelwe amacala enkohlakal­o nomnuz Jehan Mackay

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa