Isolezwe

‘Amanqika ani ngesixaxa samaqembu abamnyama?’

- KHETHUKUTH­ULA SANGWENI

INDODAKAZI yezishosho­vu zomzabalaz­o unksz Lindiwe Sisulu, ithi liyashona ilanga inkomo ifasiwe, I-ANC yehlulwa wukukhanda isixaxa namaqembu abantu abamnyama kubunjwe uhulumeni.

Unksz Sisulu ozalwa umnuz

Walter Sisulu nonkk Albertina Sisulu, usematheni ngokuphume­la obala ngalolu daba. Indaba enkulu iqale emuva kokuthi I-ANC yehluleke wukunqoba ukhetho ngengcaca.

Kunamahleb­ezi athi I-ANC ingase ikhande isixaxa ne-da elele isibili ngo-21.81% ilandela I-ANC yona ethole u-40%. I-ANC inezihlalo ezingu-159 ekubeni I-DA inezihlalo ezingu-87 okungathi uma behlangana benze izihlalo ezingu-246.

I-ANC igadle zephuka okhethweni obelunzima kakhulu ngesonto eledlule yahluleka nokuyiphoq­a ukuthi ihambe iphaphatha emaqenjini. Kulezi zinsuku izingxoxo zishisa phansi kuzanywa ukuthola isixaxa esizongena kuhulumeni siphathe izwe.

Amaqembu anezinsuku ezingu-14 emuva kokumenyez­elwa kwemiphume­la yokhetho ukuthi aphume negama kubunjwe uhulumeni. I-ANC isematasa nemihlanga­no yokuxoxa namaqembu ibingakame­mezeli ezokwenza.

Unksz Sisulu uthe kungaba yihlazo ukuthi I-ANC iyeke amaqembu abantu abamnyama emaningi kangaka bese ihlangana ne-da.

“Sikhetha I-DA ngoba kwenzenjan­i nje ngoba sehlukene kakhulu ngemigomo nemibono nabo. Sinabantu esibethemb­ise ukubamela sibenzele konke kodwa I-DA akuyona indlela esingayise­benzisa. Siyiyekele­ni I-IFP noma I-MK namanye amaqembu?’’ kusho unksz Sisulu.

Uthe umphakathi uyijezise izikhathi eziningi ngevoti ngenxa yokwehlule­ka kwayo wukufeza izethembis­o kodwa yona ifuna ukubagila kakhulu abantu.

Unksz Sisulu uthe ekuqaleni inational Party yazicelela yona ukuhoxa esixaxeni sayo NE-ANC ngoba kucaca ukuthi banezinhlo­so ezehlukene kakhulu. Kwamanye amaqembu abamnyama akhona kuvela IMK elele isithathu ngo-14.58% okuyinika izihlalo ezingu-58, ilandelewe YI-EFF ngezihlalo ezingu-39. I-IFP isendaweni yesihlanu ngezihlalo ezingu-17.

Unksz Sisulu ubuziwe kwithelevi­shini ukuthi uvumbukaph­i ngoba akaze abonakale ekhankasel­a I-ANC, wavuka ngolaka wathi akazele ukuzophend­ula lokho. Uthe ubengeke azishuthe izithombe ekhankasa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa