Isolezwe

I-MK izibe I-ANC ezingxoxwe­ni zokubambis­ana

- SABELO NSELE

IQEMBU eliholwa owayengume­ngameli, umnuz Jacob Zuma, IMK, lichayise I-ANC ebizama ukulinxenx­a ukuba libe ingxenye yezingxoxo zokubusa ngokubambi­sana.

Okhulumela I-ANC, unkk Mahlengi Bhengu-motsiri, uveze ukuthi I-MK izibe izicelo zabaholi BE-ANC zokuba kuhlanganw­e.

Ukusho lokhu ngesikhath­i ekhuluma nabezindab­a izolo, lapho ebekhuluma khona ngokuxoxwe emhlanganw­eni wekomiti elibhekele ukusebenza kwansuku zonke kwi-anc obubhunga eyokubusa ngokubambi­sana. I-ANC isembhidla­ngweni wokuthola amaqembu ezobusa ngokubambi­sana nawo njengoba ingazange iwine ngamalengi­so ngesikhath­i kunokhetho ngeledlule. I-MK ilele isithathu ngokweziba­lo zamavoti.

Abaholi be-mk sebekusho kaningi ukuthi ngeke baxoxe NE-ANC uma isaphethwe umengameli Cyril Ramaphosa.

Unkk Bhengu-motsiri uthe ubuholi obuphezulu kwi-anc buzamile ukuxhumana nemk kodwa zangabuya izimpendul­o.

“Kube nemizamo eminingi yokuxhuman­a ne-mk kodwa-ke asikayitho­li impendulo. Umnyango uzohlezi uvuliwe kuwo wonke amaqembu afuna ukuyisa izwe phambili. Thina siyi-anc sizimisele ukuxoxa nawo wonke amaqembu ezepolitik­i. Yebo singaba nemibono ehlukene kodwa sinethemba lokuthi singakwazi ukusebenzi­sana sonke. Thina sibeke phambili izwe.”

Unkk Bhengu-motsiri uthe sebeziqali­le izingxoxo namanye amaqembu athole izihlalo eziningi ephalamend­e IDA, EFF, IFP nepa. Uthe banethemba lokuthi izingxoxo nala maqembu zizohamba kahle.

“Okusinikez­a ithemba ukuthi la maqembu avumile ukuhlangan­a nathi sixoxe. Lokhu kukutshela ukuthi nabo bafuna ukubona lolu daba luxazulule­ka. Kodwa-ke konke kuzoncika ezingxoxwe­ni. Thina esikufunay­o ukuthi kube nohulumeni ozohlangan­isa onke amaqembu

“Kuzobe kungekhona okokuqala siba nohulumeni ohlanganis­a amaqembu.

Ngisho nasezikhat­hini lapho esasiwine khona ngamalengi­so, sasike siwafake amaqembu amancane. UDE Lille (unkk Patricia) wegood, uyingxenye kahulumeni. Uhlengwa (umnuz Mkhuleko) WE-IFP uwusihlalo wescopa (Standing Committee on Public Accounts).”

Unkk Bhengu-motsiri uthe kujwayelek­ile ukuthi kube netwetwe uma kunezingxo­xo zokubusa ngokubambi­sana, wathi bazokwenza isiqinisek­o sokuthi izingxoxo ziphothulw­a ngokushesh­a.

Namhlanje kuzoba nomhlangan­o wesigungu esiphezulu kwi-anc ozothatha isinqumo sokuthi imaphi amaqembu abazoseben­zisana nawo.

Unkk Bhengu-motsiri uthe kuneziphak­amiso ezintathu okuzoxoxwa ngazo, nokho angafuni ukuzidalul­a.

Isolezwe lithole ukuthi isiphakami­so sokuqala esokuthi I-ANC ibambisane namaqembu athole izihlalo, ezinye iziphakami­so zithinta ukusebenzi­sana ne-da NE-IFP ngezindlel­a ezehlukene.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa