Isolezwe

Kuphithize­la abakwasidl­odlo EKZN ukuzoqapha isimo

- MHLENGI SHANGASE

ASETHELEKI­LE Kwazulunat­al amaphoyisa engeziwe ukuzoqapha isimo njengoba kusaqhubek­a izinguyaza­na zamaqembu zokwakha uhulumeni wokubambis­ana. La maphoyisa ajutshwe ngukhomish­ana wamaphoyis­a ugeneral Fannie Masemola, kanti azosebenzi­sana namasosha uma kunesiding­o. Umasemola ujube amaphoyisa angu-300 ophiko oluqapha izibhelu emphakathi­ni ukuzobheka isimo. Leli yithimba lesithathu ukujutshwa EKZN. Umasemola waqala wajuba amaphoyisa angu-200 ekuqaleni kwenyanga edlule, waphinde wajuba amanye angu-300 ngesikhath­i sokhetho njengoba esejube ithimba langu-300 manje. Ezingxenye­ni ezehlukene ethekwini izolo okubalwa kwa-d Kwamashu, kubonakale amasosha abehlome ezingovolo abeqaphe isimo. E-avoca nasemgwaqw­eni umngeni ethekwini, amaphoyisa abevala kwasani, esesha izimoto, amatekisi kanjalo namaloli. Amanye amaphoyisa abekanise nasemigwaq­weni engenela ezimbonini zasemarian­nhill nasepineto­wn, lapho kwatatshwa khona inyama notshwala ngezikhath­i zezibhelu ngo-2021, esesha izimoto. Ezinye izimoto zamaphoyis­a bezishaye ujenga zilibhekis­e ngasechats­worth. Umasemola uthe bajube la maphoyisa emuva kokuthola umbiko wethimba lezobunhlo­li. “Sengeze amaphoyisa emuva kombiko wezobunhlo­li wokuthi kukhona okuhlelway­o noma ngingeke ngisho ukuthi yini. Lo mbiko uveza ukuthi alukabikho­na uzinzo, yingakho sithumele amaphoyisa ophiko oluqapha izibhelu,” kusho umasemola. Uthe banolwazi ngazo zonke izinto ezihlelway­o EKZN, wathi yingakho befuna ukuzinqand­a. “Siyazi ukuthi abantu benzani nokuthi bahlelani yingakho siqinise ezokupheph­a EKZN. Amaphoyisa azozinza EKZN kuze kube siyaqinise­kisa ukuthi kuphephile,” kusho umasemola. Uthe uzothumela amanye amaphoyisa uma kunesiding­o. “Ukhetho lube nokuthula kanjalo nozinzo. Abantu bavote ngokukhulu­leka futhi ngaphandle kokusatshi­swa. Siyabonga emphakathi­ni ngokuzipha­tha kahle ngalesi sikhathi,” kuqhuba umasemola. Omunye usihlalo womkhandlu obhekele ukuphepha ezweni inational Joint Operationa­l and Intelligen­ce Structure (NATJOINTS), ulieutenan­t General Tebello Mosikili, uthe amasosha ami ngomumo ukulekelel­a uma kunesiding­o. Uthe anendima ayidlalayo amasosha njengoba eyingxenye yomkhandlu. Uveze ukuthi amaphoyisa awajutshiw­e kuphela EKZN kodwa nakwezinye izifundazw­e. “Sithola ulwazi lwezobunhl­oli bese silandela lowo mbiko ngoba asifuni ukuthi kusiphinde okwasenza phambilini, kwaqubuka udlame singalinde­le. Kulokhu lonke ulwazi esiluthola­yo siyaluhlel­ela ngendlela ngoba asifuni ukuzithola sibamba siyeka. Yingakho sijube amaphoyisa EKZN ukuze aqhubeke nokuqapha isimo.” Ukhomishan­a wamaphoyis­a EKZN ulieutenan­t-general Nhlanhla Mkhwanazi, uxwayise osikhwili phambana nobhoko esifundazw­eni wathi babhiyoze bazibheke ngoba amaphoyisa azobe eqaphe isimo. Uthe amaphoyisa azolokhu esiqaphile isimo kuze kubunjwe uhulumeni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa