Isolezwe

Kuzoqhakan­jiswa nemfashini emcimbini Ingoma Kazwelonke

- NOKUBONGWA PHENYANE

KULINDELEK­E ukuthi kube nezinguquk­o ezizoqhube­ka nokukhombi­sa ubuhle bomcimbi wengoma Ingoma Kazwelonke, ozobanjelw­a epeoples Park, ethekwini ngojuni 22.

Kulo mcimbi osubanjwe iminyaka emibili, kusuke kuqhudelan­a amaqembu endlamu aqhamuka ezweni lonkana.

Kulo nyaka, omunye wabahleli bomcimbi, uxolani Mcineka uveze ukuthi emaqenjini angu-62 azobe eqhudelana, angaphezu kuka-50 azobe eqala ukuba yingxenye yomcimbi.

“Uma kungathiwa sithi kulo mcimbi sivumela amaqembu engoma wonke akhona, ngeke uze uphele ngosuku olulodwa. Kodwa ithimba elihlelayo lakhetha ukuthi iminyaka emibili uma lo mcimbi usaqhubeka sizoba namaqembu awodwa, bese kuthi ngonyaka wesithathu ashintshe kungene amanye. Kulo nyaka iningi lamaqembu masha futhi sijabule ngendlela isasasa eliqhamuka emagoseni ngokuba yingxenye yawo. Amanye abuyayo ngenjongo yokuthi abe negalelo ekuqhakamb­iseni lo mcimbi ngezinto ezehlukene amagosa akhona akade ezenza beyingxeny­e yawo. Injongo yethu njengabahl­eli wukuthi siqhakambi­se wonke amaqembu emkhakheni wengoma,” kusho umcineka.

Uthe ifolo lomaskanda, okungabacu­li bakamaskan­di abehlukene, nalo lizobe likhona kulo mcimbi ukujabulis­a izinkumbi zababukeli abazobe bekhona.

“Siyanxusa ukuthi abantu bagcine isikhathi ukuze umcimbi uqale ngesikhath­i futhi uphele ngaso. Kulo nyaka okunye esihlele ukuthi sikwenze ukubheka abazobe bewuhambel­e ukuthi bahlobe kanjani, njengoba sazi ukuthi imfashini ngenye yezinto ezidonsa amehlo kule micimbi. Ngakho izihambeli zethu mazigqoke ziconse ngemfashin­i yazo ezobe ibhekiwe,” kuchaza yena.

Uthe amathikith­i EVIP NEVVIP aseyathola­kala.

Ugcizelele ukuthi abawadinga­yo basheshe babathinte njengoba kwaziwa ukuthi ayinyama.

 ?? ?? AZOBE eshiyelana inkundla nakulo nyaka amaqembu emcimbini Ingoma Kazwelonke abahleli bawo abathi iningi lamaqembu azobonakal­a masha
Isithombe: INGOMA KAZWELONKE/ FACEBOOK
AZOBE eshiyelana inkundla nakulo nyaka amaqembu emcimbini Ingoma Kazwelonke abahleli bawo abathi iningi lamaqembu azobonakal­a masha Isithombe: INGOMA KAZWELONKE/ FACEBOOK
 ?? ?? UKHUZANI Mpungose oyingxenye yabaculi abaziwa ngefolo
lomaskanda abazonandi­sa emcimbini Ingoma Kazwelonke ezoba sethekwini ngojuni 22
Isithombe: SIGCINIWE
UKHUZANI Mpungose oyingxenye yabaculi abaziwa ngefolo lomaskanda abazonandi­sa emcimbini Ingoma Kazwelonke ezoba sethekwini ngojuni 22 Isithombe: SIGCINIWE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa