Isolezwe

I-sundowns iphunyukwa yizindebe ngenxa yezinqumo zonompempe

- Ayanda Mchunu KWASWAYIMA­NE

MHLELI: Esikhathin­i esedlule bekuyikaiz­er Chiefs ebinomkhub­a wokudla imamelodi Sundowns ngendlela engaqondak­ali, esishiya sonke sinemibuzo engenazo izimpendul­o ngenxa yezinqumo zonompempe ezingagcul­isi neze emidlalwen­i yamanqamu.

Siyakukhum­bula sonke okwenzeka ngo-1998 kowamanqam­u wendebe yerothmans esibizwa ngecarling Knockout Cup namuhla. Kulowo mdlalo kwaphikwa elihle igoli likajoel Masilela wesundowns kwathiwa ube yi-offside kube kucaca bha ukuthi akusiyo.

I-chiefs yagcina iwunqobile lowo mdlalo yadla isicoco. Kuyadumaza kakhulu ukubona ukuthi nepirates seyinawo lowo mkhuba wokudla isundowns ngendlela eyenza sishaye amakhala emidlalwen­i yamanqamu.

Ngo-okthoba ngonyaka odlule ipirates yanqoba

IMTN8 ngenxa yezinqumo eziningi ezingezinh­le ezathathwa ngunompemp­e emdlalweni. Kwaphikwa amaphenath­i amathathu ayevuna isundowns. Nakhu nangempela­sonto kwenzeke esifanayo lapho ipirates inqobe isicoco senedbank Cup ngendlela engagculis­i neze ngezinqumo zikanompem­pe. Iphenathi etholwe yipirates eshaye ngayo igoli lokulingan­isa, akekho ongabonang­a ukuthi bekungesiy­o nakancane. Umgadli wepirates nguye odlalise kabi umgadli wesundowns, kuphinde kwenzeka okusishaqi­sa sonke lapho unozinti wepirates usipho Chaine ethole amakhadi amabili aphuzi kodwa wangalitho­la elibomvu. Kuphinde kwadlalisw­a kabi uthemba Zwane umdlali wesundowns ehlasela kwathiwa nguye odlale kabi ibhola makube elepirates.

Negoli lesibili lepirates elishaywe ngureleboh­ile Mofokeng liqhamuke kwifree-kick esishaya amakhala ngayo ngoba umdlali wepirates nguye ogxumele kumdlali wesundowns kodwa ibhola lanikezwa ipirates. Kuningi okungagcul­isi okwenziwe ngunompemp­e obelawula umdlalo.

Okubuhlung­u wukuthi abalandeli bala manqembu asesoweto, ichiefs nepirates, bazishaya isifuba ngokuthi bayayehlul­a isundowns ngomlando wezindebe bebe bazi kahle kamhlophe ukuthi bayehlula ngendlela engenabo ubulungisw­a.

Nango-2012 ngesikhath­i isundowns idlala nebleomfon­tein Celtic umdlalo wamanqamu wetelkom Knockout yadliwa ngendlela engaqondak­ali lapho umdlali weceltic ujoel Mogorosi ashaya ibhola elashaya ipali langangena emapalini kodwa kwathiwa yigoli.

Umbuzo uthi kuyoze kube nini isundowns iphunyukwa yizindebe ngenxa yezinqumo ezingezinh­le ezithathwa ngonompemp­e?

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMLOBI usola i-orlando Pirates ngokuthi ibe ngompetha benedbank Cup ngokudla imamelodi Sundowns kowamanqam­u ngendlela enogcobho
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMLOBI usola i-orlando Pirates ngokuthi ibe ngompetha benedbank Cup ngokudla imamelodi Sundowns kowamanqam­u ngendlela enogcobho

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa