Basale enkundleni betholene phezulu namaphoyisa
KUFE ujuqu abasolwa ababili, kwaboshwa oyedwa kulandela isigameko sokudubulana kwabo namaphoyisa ephoenix izolo.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa Kwazulu-natal, ucolonel Robert Netshiunda, amaphoyisa abesezithendeni zabasolwa ngecala lokubanjwa kwenkunzi imoto yemali ekranskop ngomsombuluko.
Elandisa ngodaba, unetshiunda uthe amaphoyisa ezinhlaka ezahlukene okukhona kuzo idirectorate for Priority Crime Investigations (DPCI) edume ngeloklebe, Provincial Tracking and Tracing Team, Tactical Response Team (TRT) nek9 Unit abejutshwe ukufuna abasolwa.
Uthe abasolwa bavalelwa ekhoneni amaphoyisa nje, abekade ebalandela ubusuku bonke.
“Babhadanywe ebhamshela, othongathi, ezintatha zanamuhla (esho izolo), bagoloza ukulandela umyalelo wamaphoyisa ngesikhathi ebamisa,” kusho unetshiunda.
Uthe kuqale lapho ukujahana kwabo namaphoyisa, kwaze kwaba bayabhajwa emgwaqeni uphoenix Highway ngesikhathi imoto ebebebaleka ngayo ishayisa ilambu lomgwaqo.
“Bavele behla emotweni, baqala badubula bebhekise emaphoyiseni. Kusuke esinamathambo, amaphoyisa esebuyisela ngayo inhlamvu nawo,” kusho unetshiunda.
Uqhube wathi kugcine kufa ababili. Uthe oyedwa ufele eduze kwayo imoto ebebebaleka ngayo. Kwathi omunye wadutshulelwa ngaphakathi emzini wendawo abalekele kuwo ngesikhathi eqhubeka nokulokhu edubula amaphoyisa.
“Kutholwe izibhamu ezintathu ezingama-rifle, esisodwa esiyi-pistol, inqwaba yezinhlamvu nezishaqane zemali,” kusho unetshiunda.
Udalule ukuthi umsolwa wesithathu uboshwe emva kokubonwa emaflethini endawo, enamanxeba okulimala.
Uthe ukucingwa kwabanye abasolwa kusaqhubeka njengoba amaphoyisa elandela umkhondo.
Uthe yize kungabanga khona phoyisa elilimele, izimoto zamaphoyisa zimbobombobo yizimhlamvu.
“Zonke izibhedlela nezikhungo zezempilo ezakhele le ndawo zazisiwe ngesigameko, zayalelwa ukuthi zibikele amaphoyisa ngazo zonke iziguli ezizofika zizofuna usizo lwezempilo zinamanxeba okudutshulwa,” kusho Netshiunda.
Ube esethi noma ubani ongaba nolwazi ngabasolwa ababalekile uyanxuswa ukuthi athinte amaphoyisa aseduze noma ashayele inombolo yamaphoyisa yamahhala ethi 08600 10111.
Ngale kwesigameko sasekranskop, amaphoyisa akwazulu-natal aphenya icala lokuzama ukubulala nelokuzama ukubamba inkunzi imoto yemali kulandela isigameko esenzeke izolo enkabeni yetheku.
Esigamekweni abasolwa badubule onogada ekhoneni lomgwaqo ubertha Mkhize (Victoria) nojoe Slovo (Field), beqeda ukuyothatha imali kwesinye sezitolo beyiyisa ebhange.
Nokho abasolwa behlulekile ukweba imali, bagcina ngakho ukulimaza onogada.