Isolezwe

Iyaqala namhlanje ingqungqut­hela yetb

- PHILI MJOLI

ININGIZIMU Afrika isemazweni angu30 ahamba phambili ngokuba nabantu abaningi abahaqwe isifo sofuba ITB yize lesi sifo selapheka.

Ziningi izinhlelo zokulwa nokusabala­la kwalesi sifo esibulala abantu ababalelwa ku-54 000 kuleli ngonyaka ngokombiko okhishwe iglobal TB nyakenye, okukhathaz­a ongoti nezingcith­abuchopho ezisemkhak­heni wezempilo.

Njalo ngonyaka labo ngoti, abezempilo izinhlanga­no ezisiza emikhankas­weni yokulwa nalesi sifo nososayens­i bakuleli baba nengqungqu­thela lapho bedingida khona ngalesi sifo.

Kudingidwa ngezindlel­a ezintsha zokwelapha lesi sifo ezihambisa­na nemigomo ebekwe inhlangano iworld Health Organisati­on (WHO), izinselelo eziholela ekutheni lesi sifo silokhu sisabalala nokunye.

Kulo nyaka le ngqungquth­ela yesishiyag­alombili, i8th SA TB Conference, izoba sethekwini. Izoqala namhlanje iphele ngolwesihl­anu. Umongo walo nyaka uthi: “Sisheshisa inqubekela phambili yokuqeda I-TB phecelezi Accelerati­ng progress to end TB" .

Usihlalo wengqungqu­thela usolwazi Sizulu Moyo, uthe kule ngqungquth­ela bahlose ukuthi bakhombise ukuzinikel­a okuletha ithemba elisha ekuqedeni izifo ezifana netb NEHIV nezinye ezingathat­helani ezihambisa­na nalesi sifo.

"Le ngqungquth­ela yenzeka ngesikhath­i esiyingqop­hamlando eningizimu Afrika, njengoba u-2024 kuwunyaka lapho iningizimu Afrika igubha iminyaka engu-30 yentando yabantu.

“Okuphawule­kayo ukuthi ingqungqut­hela izokwenzek­a ngesikhath­i sokushints­ha kwemitheth­o nemigomo elawula ezempilo kuleli njengoba iningizimu Afrika isezinhlel­weni zokuqala umshwalens­i wezempilo obhekele bonke abantu, ukuze kuphuculwe indlela yokwelashw­a kwabantu. Inhloso ukuthuthuk­isa ezempilo nokususa imigoqo ebikhona phambilini. Kithina kuvula ithuba elihle lokuthi sibhekane nalesi sifo ngokuthi sivule inkundla yokuthi sibonisane ngalesi sifo," kusho usolwazi Moyo.

 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? USIHLALO wengqungqu­thela i-8th SA TB Conference eqala namhlanje iphele ngolwesihl­anu usolwazi Sizulu Moyo, uthi abasemkhak­heni wokwelashw­a kwetb bazohlanga­nisa amakhanda babheke konke okuthinta lesi sifo
Isithombe: SIGCINIWE USIHLALO wengqungqu­thela i-8th SA TB Conference eqala namhlanje iphele ngolwesihl­anu usolwazi Sizulu Moyo, uthi abasemkhak­heni wokwelashw­a kwetb bazohlanga­nisa amakhanda babheke konke okuthinta lesi sifo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa