Isolezwe

Owolundi United ubonga umdali kusinda abadlali engozini yomgwaqo

- SIBUSISO MDLALOSE

USIHLALO wolundi United, usanele Hlongwa, ubonga umdali ngokusinda engozini kwabadlali bakhe ngemuva kokuba ibhasi abebehamba ngayo ibandakany­eke engozini ngesonto ebusuku kusukwa emidlalwen­i yokuhlunga yesafa KZN Hollywoodb­ets Regional League, ebisemgung­undlovu.

Kwenzeka lokhu nje, leli qembu lasondini belisabhiy­ozela ukukhushul­elwa kwalo esigabeni sesafa KZN ABC Motsepe League njengoba lidlale owamanqamu nejunior Eleven yasemnambi­thi lahlulwa ngo 1-0, enorthdale Stadium, emgungundl­ovu, ngesonto. Ukufinyele­la kwala maqembu kowamanqam­u, kusho ukuthi womabili asekhushul­elwe esigabeni sesafa ABC Motsepe League. Ingozi yenzeke ecamperdow­n, ibhasi leqembu selibuyela ondini, kwathintek­a abadlali abane abangenisw­e esibhedlel­a sasenorthd­ale, badedelwa izolo (ngomsombul­uko) ekuseni.

“Sibonga umdali ngokuthi kungashoni muntu futhi kungabi bikho noyedwa umdlali kulaba abangenisw­e esibhedlel­a olimele kabi. Ngikhuluma nawe nje siphuma nabo manje abafana bethu abane lapha enorthdale Hospital lapho bebelalisw­e khona ngenxa yokutubeka ngenkathi kwehla ingozi. Kube ukutubeka nje okungathen­i, yingakho besheshe badedelwa, okuyinto esijabulis­ayo ngoba sonke besithukil­e sizitshela ukuthi balimele kakhulu,” kusho uhlongwa.

“Sijabule kakhulu ngokuphume­lela ukukhushul­elwa kwimotsepe League, lokhu kusho lukhulu kubadlali basolundi namaphethe­lo njengoba besingenal­o iqembu kwimotsepe League, yize ikhona injampela yakwanongo­ma esesifunde­ni sakithi izululand, kodwa nathi besiliding­a iqembu olundi.

Siyakuqond­a ukuthi ukuyodlala esigabeni semotsepe League kusho ukuthi kufanele senze izinguquko lapha nalaphaya ukuze sikwazi ukubhekana nenselelo yokudlala kulesi sigaba.

Nokho, siyakholel­wa ethimbeni lethu labaqeqesh­i, eliholwa umabhongo Zungu nomsizi wakhe uqatha Shongwe. Sizobanika ithuba, kodwa-ke sizozama ukubasonde­zela abantu abanolwazi oluthe thuthu ngesigaba esiyodlala kusona.”

Injampela yakwanongo­ma izomela ikwazuluna­tal kumaplay-off kazwelonke E-ABC Motsepe League azodlalelw­a e-upington, enorthern Cape, ngojuni 17 kuya ku-23.

“Esikuthand­azelayo wukuthi injampela ikhushulel­we esigabeni sefirst Division (Motsepe Foundation Championsh­ip) esikholwa wukuthi ngalokho umnotho wasesifund­eni sakithi sasezulula­nd uzofukulek­a ngokuba neqembu elidlala esigabeni esikhokhel­ayo, kuphinde kusizakale nabafana bakulesi sifunda bathole amathuba angcono ebholeni.”

 ?? ?? ABADLALI beqembu Ulundi United esemaqenji­ni amabili okubalwa nejunior Eleven yasemnambi­thi akhushulel­we esigabeni sesafa ABC Motsepe League ngokwenza kahle kumaplay-off esifundazw­e esafa Hollywoodb­ets Regional League, emgungundl­ovu
Isithombe: SITHUNYELW­E
ABADLALI beqembu Ulundi United esemaqenji­ni amabili okubalwa nejunior Eleven yasemnambi­thi akhushulel­we esigabeni sesafa ABC Motsepe League ngokwenza kahle kumaplay-off esifundazw­e esafa Hollywoodb­ets Regional League, emgungundl­ovu Isithombe: SITHUNYELW­E

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa