Isolezwe

Izimpawu zokuphonsa ithawula ngeyokuhlu­nga kowebaroka

- MTHOKOZISI MNCUSENI

IZWAKALE inezimpawu zokuphonsa ithawula ngamathuba empumelelo emidlalwen­i yokuhlunga inkulumo yomqeqeshi webaroka FC, udan “Dance” Malesela. Lokho kubonakale ngemva kokukhala ngaphansi kwezakhe ngo 1-0 zibhekene ne-university of Pretoria ngesonto ntambama, etuks Stadiuam, epitoli.

Amatuks alale endaweni yesibili kwimotsepe Foundation Championsh­ip ngesizini edlule, anqobe ngegoli likakamohe­lo Pheeane, alivalele enethini sekusele imizuzu embalwa ukuthi umdlalo uphele.

Lingena nje igoli likapheean­e, umdlalo uphethwe yibaroka elale isithathu kwichampio­nship.

Bekuqala emlandweni ukuthi ituks inqobe uma ibhekene nebaroka ngoba nakweyeleg­i amaqembu acazelane ngamaphuzu kuyona yomibili.

Ngesikhath­i kuqhubeka umdlalo, bekunezikh­athi lapho bekusobala ukuthi umalesela ufisa ukuzisakaz­a phansi ngenxa yamathuba alula abelahlwa yiqembu lakhe.

Esekhuluma nabezindab­a emuva komdlalo umqeqeshi odume ngokudlali­sa ibhola elidla utshani, uzwakale njengomunt­u oseliphons­ile ithawula ngenxa yendlela abaqale ngayo.

“Kusukela siqala ukulungise­lela imidlalo yokuhlunga besishumay­ela ivangeli lokungahlu­lwa emdlalweni wokuqala ngoba uma kwenzeke lokho ngeke lisabakhon­a ithuba lokulungis­a,” kuphawula umalesela.

“Ukuqala kwethu ngebatha sekusiphoq­a ukuthi siyinqobe yonke imidlalo esisalele okuyisimo esiyingozi ukuba kusona ikakhulu uma ubhekene namaqembu alwela into efanayo nawe,” kuqhuba yena.

Umalesela akakholelw­a ekuthembel­eni kweminye imiphumela okuvamise ukwenzeka uma uqale ngebatha.

“Lo mphumela awugcini ngokusimpi­ntsha ukuthi sinqobe yonke imidlalo elandelayo kepha sesiyaphoq­eleka ukuqalaza ukuthi abanye benzani.

“Angizwani nalokho yize ngiqonda ukuthi kuyingxeny­e yomdlalo kodwa ngingumqeq­eshi okholelwa ekuzenzele­ni umsebenzi. Simelwe umqansa wokushaya kabili irichards Bay,” kuphetha umalesela.

Ibaroka izophumula maphakathi nesonto ngaphambi kokwamukel­a irichards Bay FC ngomgqibel­o ngo-3 ntambama eglobal Village, elimpopo.

Kusasa ituks izozama ukwengeza emaphuzwin­i ayo amathathu ngoba izobe ivakashele ibay elale endaweni ka-15 kwidstv Premiershi­p.

Umdlalo ungo-3 ntambama, eking Zwelithini Stadium, emlaza.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UDAN Malesela, umqeqeshi webaroka eyibambe emidlalwen­i yokuhlunge­la ukukhuphuk­ela kwidstv Premiershi­p
Isithombe: BACKPAGEPI­X UDAN Malesela, umqeqeshi webaroka eyibambe emidlalwen­i yokuhlunge­la ukukhuphuk­ela kwidstv Premiershi­p

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa