Isolezwe

Kuzomele akhule kwezepolit­iki umhlekazi ugwede Mantashe

- Sipho Robert Mpungose ESHOWE

MHLELI: Selidume ledlula. Sekusele imisizila ekhombisa ukuthi beliza nezikhukhu­la. Usale ebambe amaqubu entenetsha umengameli Cyril Ramaphosa, obegiya ngokuthi abantu bakwazulu-natal bezwa bona.

Phambilini, sezibheke okhethweni ngasho ukuthi abantu balala bephenduka, ngakho akumele bajatshuli­swe ngabasuke begcwele izinkundla zemidlalo. Abantu bajatshuli­swa ukuthuthwa ngamabhasi mahhala nokudla.

Kukhona umuntu okusamele akhombise ukuvuthwa kwezepolit­iki, umnuz Gwede Mantashe, uvamisile ukuphahluk­a. Phambilini uke wagxeka izinqumo zamajaji uma zingabavum­anga, aze awabize ngama-counter revolution.

Kuzomele afundiswe ipolitiki.

Usimangazi­le esebenzisa amagama anobuzwe ngoba behlulwe ingcaca okhethweni lwasekzn. Washo nokuthi siyaye sivote ngokubuzwe. Umantashe uzwakalise ukungavuth­wa nokungafun­i ukwamukela ukuthi abantu banelungel­o lokuzikhet­hela. Abeqembu lakhe bahlulwe yinto yinye, umbhalo ubusobala wokuthi lukhulu luyeza ngendlela abebephucw­a ngayo amavoti okuchibiye­la komasipala.

Ngiyafisa ukwazi ukuthi uzizwa kanjani ngoba kwelakubo e-eastern Cape, bavotele iqembu lakhe ngobuningi ekubeni kuyisifund­azwe esihluleke ingcaca ukulethela intuthuko ezakhamizi­ni.

Akugcini e-eastern Cape, naselimpop­o yisona leso.

Yini eyenza umantashe aphume iqhubu nathi sizwe sikaphunga nomageba?

Ubelele kuphi engabuboni ubundlavin­i obenziwa yilungu lenhlangan­o yakhe emkhosini wokukhumbu­la isilo udinuzulu Kwaceza? Lakwenza phambi kwesilo esisehlalw­eni umisuzulu kamdlokomb­ane, kukhona nomengamel­i wezwe obuye engamele inhlangano yakhe.

Uhlulwe yinto yinye vo! Ukuthi iqembu eliholwa ngowayedla­lukhezolun­ye naye owakwadakw­adunuse, umsholozi (umnuz Jacob

Zuma) ubashaye basala bemayoywan­a.

Okwabo ngikufanis­e nomyalelo wezintombi eziyishumi ebhayibhel­ini. Sonke lesi sikhathi isibani sabo besikhombi­sa ukuthi siphelelwa amafutha kodwa balibala ukuhuqa ubuthongo behlabelel­a iculo elidala lokuthi umphakathi uthembele kubona.

Ngakho akayeke umantashe ukugxeka amazulu. Makashanye­le amanyundul­ulo asendlini yeqembu lakhe.

Uma esephelelw­e ushatini akashiyele abantu abasha isikhundla abuyele ekhaya ayodlala nabazukulu njengabo bonke omkhulu. Dedela abanye mhlekazi!

Ababhunguk­i bagcina bebuyele emakhaya futhi ababuzwa ukuthi bebekuphi yonke iminyaka? Babuyela emakhaya sebelengis­e izikhwama ezibizwa ngomhlaba ungehlule.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa