Isolezwe

OWE-IFP ushelwa nge sika nduna nkulu ezingxoxwe­ni zokubambis­ana

- KHETHUKUTH­ULA SANGWENI

UNUNUSELWA ngesikhund­la sikandunan­kulu wesifundaz­we usihlalo WE-IFP Kwazulu-natal umnuz Thami Ntuli, okuthiwa ucingo lwakhe lukhala umlibe eshelwa ngamaqembu.

Untuli obefakwe kwesombang­o kandunanku­lu kuthiwa ufunwa yi-mk, ANC ne-da abafuna ukungena naye embusweni wesifundaz­we. Kumatasa njengamanj­e kuyaxoxwa ukuze kubunjwe uhulumeni wesifundaz­we.

I-MK ihambe phambili ngezihlalo ezingu-37 esifundazw­eni. I-MK ilandelwa YI-IFP ngezihlalo ezingu-15 bese kuba YI-ANC enezihlalo ezingu-14. Endaweni yesine kuhleli I-DA ngezihlalo ezingu-11. I-EFF inezihlalo ezimbili bese kuvala I-NFP ngesihlalo esisodwa kodwa esingenza umehluko omkhulu. Isolezwe lithole ngezingede zalo ukuthi amaqembu ashela untuli kwesikandu­nankulu.

Ebuzwa untuli ngalokhu uthe kuyiqiniso ukuthi amaqembu ayamthinta kodwa akukho azokwenza ngoba izingxoxo ziphethwe yiqembu kuzwelonke.

“Ucingo lukhala manje namanje kube kungena olunye bayangithi­nta kodwa ngibedluli­sela kubaholi kuzwelonke lapho okuphethwe khona izingxoxo. Mina ngiqhubeka nomsebenzi lapha eking Cetshwayo,’’ kusho untuli.

Untuli wale waphetha ukudalula amagama amaqembu amthintile wathi ngeke akwazi okwamanje. Uthe akazi ukuthi izingxoxo zizophetha kanjani kodwa iqembu lizomemeze­la uma kukhona izivumelwa­no.

Okokuqala okusabalel­e wukuthi I-ANC ingase ingene iphathe ne-da NE-IFP bese befaka NENFP. Uma wonke la maqembu ehlangene enza izihlalo ezingu-41 nokungenza kube lula ukuthatha isifundazw­e.

Izihlalo esishayamt­hetho zingu80, okusho ukuthi ophethe izintambo kufanele abe nezihlalo ezingu-41 kuya phezulu. Uma ehlangana amaqembu abalwe ngenhla kuyobe kusho ukuthi I-MK NE-EFF bazoba amaqembu aphikisayo.

Uma I-IFP ikhetha ukungena ne-mk kuyobe kusho ukuthi izihlalo zabo uma zihlangene zingu-52 nokuyokwen­za badlule ngehubo beyothatha izintambo zombuso kuhulumeni wesifundaz­we.

Lokhu kuyobe kusho ukuthi I-ANC, DA, EFF NENFP bazoba amaqembu aphikisayo esifundazw­eni. I-ANC ebiphethe isifundazw­e ilahlekelw­e yizihlalo ezingu-30 eyayizitho­le okhethweni lwango-2019, lapho yayithole u-54%.

 ?? Isithombe : FACEBOOK/THAMI NTULI ?? USIHLALO WE-IFP Kwazulu-natal, umnuz Thami Ntuli, uthi uzobeka indlebe ezwe ukuthi iqembu lithini ngezingxox­o eziqhubeka ngokubunjw­a kukahulume­ni wesifundaz­we
Isithombe : FACEBOOK/THAMI NTULI USIHLALO WE-IFP Kwazulu-natal, umnuz Thami Ntuli, uthi uzobeka indlebe ezwe ukuthi iqembu lithini ngezingxox­o eziqhubeka ngokubunjw­a kukahulume­ni wesifundaz­we

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa